Ukhandwe ngamatshe  wafa obesolwa ngokudlwengula 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Osolwa ngokudlwengula kubikwa ukuthi uzishintshe iphimbo lakhe wazenza owesifazane ukuze akwazi ukungena endlini okusolwa ukuthi ufike wadlwengula intombazane eneminyaka engu-15.

Lo wesilisa wasemijondolo yase-Ekuthuleni osolwa ngokudlwengula ubecabanga ukuthi usephunyukile, kodwa umphakathi obudinwe ugane unwabu ngeSonto upequlule yonke imijondolo umfuna.

Kubikwa ukuthi umphakathi umfune wamthola umsolwa (34) wamshaya abanye bemkhanda ngamatshe waze washona.

Isitho sakhe sangasese  sisikwe ngommese sashiywa eduze kwesidumbu sakhe esilahlwe ngasesikoleni samabanga aphezulu i-Lefa-Ifa endaweni evulekile okuyindawo okusolwa ukuthi udlwengule kuyo.

Umama wesisulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi efika ekhaya ngeSonto ekuseni ushaqekile ethola izingubo zendodakazi yakhe zidatshuliwe ziphansi.

Uthe umsolwa ungene kulo muzi ngokuzenza ubabekazi wentombazane.

Ngesikhathi intombazane ingavuli umsolwa kuthiwa ukhahlele isicabha wangena ngenkani wabe esehlasela le ntombazane eneminyaka engu-15.

Kuthiwa ube eseyikhipha endlini waya nayo esigangeni eduze kwesikole samabanga aphezulu i-Lefa-Ifa nokuyilapho afike wayidlwengula khona.

Intombazane itshele unina ukuthi idlwengulwe owesilisa ongaziwa. Umphakathi wazisiwe ngalesi sigameko wabe usulandela umkhondo.

Umsolwa utholwe ngemuva kokufunwa umphakathi ngemuva kwalokho wahlonzwa isisulu wabe esebhekana nokudinwa komphakathi.

Isakhamuzi esidinwe sigane unwabu uMnu Mathew Mthombeni uthe sebekhathele ukudlwengulwa kwabesifazane nezingane emphakathini nabasolwa bathola izigwebo ezilula.

“Lesi sigameko sizothumela umyalezo onzima kwabanye abadlwenguli nezigebengu ukuthi zidlalele kude kakhulu nomphakathi wakithi,” kusho uMthombeni.

“Le ntombazane ibilele kubo ngesikhathi umsolwa ethola ithuba lokuyihlukumeza. Njengoba esefile umphakathi wakithi uphephile.”

Okhulumela amaphoyisa aKwa-Thema uSayitsheni Nkululeko Magudulela uthe umufi utholwe enenxeba elivulekile ekhanda kanti isitho sakhe sangasese besisikwe ngensimbi engaziwa.

“Siphenya icala lokubulala nelokudlwengula.

“Sinxusa noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nalesi sigameko ukuthi aphumele obala.”

Izihloko zakamuva