Dylan Bettencourt
UHasifah Nassuna ube yilungu lesibili emndenini wakhe ukuqhudelana kwi-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon).
Ngemuva kweminyaka engaphezu kwengu-20 unina u-Annet Nakimbugwe wangenela lo mqhudelwano owawubanjelwe kuleli, indodakazi yakhe uNassuna uzongena kowakulo nyaka.
UNassuna wayeneminyaka emibili ngesikhathi umama wakhe eqala ukubonakala embukisweni wabesifazane ngo-2000 e-Uganda.
Kodwa akagcini ngokungena ebukhosini besibongo sakhe ukuze bumqhubekisele phambili. UNassuna uzakhela olwakhe udumo.
Ekuqaleni konyaka ube ngumdlali wokuqala kwiligi yase-Uganda ukushaya amagoli ayikhulu.
Umama wakhe naye wephula amarekhodi ngesikhathi esadlala, waba umshayi magoli wokuqala we-Uganda kweye-Wafcon ngesikhathi izwe lakhe liwina ngo 2-1 libhekene ne-Reunion Islands.
UNassuna uthe ubusisekile ngokuba nomama owabeka isisekelo sokuthi abadlali abafana naye baphephezelise ifulegi lase-Uganda.
“Lokhu kuzwakala kumnandi. Sibusisekile siwumndeni ngoba akubona bonke abantu abaphumelele kulokhu,” usho kanje etshela i-CAF Online.
“Kwakuthi njalo uma umama ekhuluma nge-Wafcon, ngangihlezi ngizibuza ukuthi ngingalithola yini ithuba lokudlala kulo mqhudelwano. Kodwa ngibheke manje. Ngilapha!”
Umama nendodakazi bake bahlanganyela inkundla beyizimbangi, bedlala kwiligi yangakubo.
UNassuna ubengukaputeni we-Uganda ngesikhathi iwina indebe ye-Council for East and Central Africa Football Associations (Cecafa) Women’s Championship ngenyanga edlule kodwa manje inhloso yabo ukuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-Fifa.
“Njengoba sesifikile, inhloso yethu ukuhlungela iNdebe yoMhlaba. Siyazi ukuthi singakwenza njengeqembu, kodwa siyazi ukuthi kufanele senze kahle kakhulu,” esho.
“Sifuna ukungena kweyamaqoqo ngoba wonke umuntu olapha usibona njengabaphansi. Kungokokuqala ukuthi i-Uganda ibe kulo mqhudelwano. Sifuna ukusebenza kanzima ukuze singene kuma-quarter final.”
Ngeshwa, leli qembu lihlulwe emidlalweni yalo yokuvula libhekene ne-Morocco kanye ne-Senegal futhi alikwazi ukuqhubekela phambili kulo mqhudelwano.
Umthombo wesithombe: @Cecafa