Ukhalelwe amasongo kasigonyela obezenza ummeli mbumbulu 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ubanjwe oqotsheni owesilisa obezenza ummeli ohlonishwayo eNkantolo yeMantshi yase-Bethal ngesikhathi emmele owesilisa obandakanywa necala lokubulala.

Ukubanjwa kwakhe oqotsheni kwenzeke ngemuva kokuthi oKlebe benze ukuphenyo olunzulu ngokuthi ungubani. 

UDokotela uSobetha, ongeyena udokotela futhi engeyena ummeli, uboshwe ngoLwesihlanu ngomhlaka-24 kuNdasa wavela eNkantolo ngoMsombuluko.

Ngesikhathi eboshwa, ummeli mbumbulu ubemele uMhlabuyaxega Mntungwa, umsolwa ohlobene necala lokubulala umphathi we-Sam Holdings ngo-2019. Bekungokwesine lo mmeli emele umsolwa ngaleli cala lokubulala eNkantolo.

Akukacaci ukuthi bekuyini izinhloso zalowo osolwa ngokuba ngummeli mbumbulu, yini abezoyizuza ngokumela owesilisa esolwa ngokubulala, noma ubecabanga nokuthi angalinqoba leli cala.

OKlebe bagasele kuyena enkantolo ngemuva kokuthi ehlulekile ukwazisa iziphathimandla igama lesikhungo afundela kuso ubummeli.

Into abengayiveza esemthethweni ijazi abeligqokile nesitifiketi sikamatikuletsheni.

Ube esevalelwa kwadingeka ukuthi inkantolo ihlehlise icala ukuze osolwa ngokubulala athole omunye ummeli.

Ummeli okusolwa ukuthi ungumgunyathi manje usethungatha ummeli ozommela njengoba ezophinda evela enkantolo.

Osolwa ngokubulala kanye nommeli mbumbulu basavalelwe esitokisini. NgoMsombuluko ngomhlaka-27 kuNdasa bobabili bavele eNkantolo.

UMntungwa uvele ngecala lokubulala kanti uSobetha uvele ngecala lokuzenza ummeli. Womabili amacala ahlehliselwe mhla zintathu kuMbasa ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Okhulumela oKlebe, uKaputeni Dineo Lucy Sekgotodi, uthe uSobetha (31) nongummeli mbumbulu uvele enkantolo ngoMsombuluko ngecala lokuzenza ummeli. Uvele eNkantolo yeMantshi yase-Bethal yona le nkantolo abemele umuntu kuyo.

Ngaphambi kokuba aboshwe ngoMsombuluko, uSobetha ubemmele uMntungwa (37) ecaleni lokubulala umphathi we-Sam Holdings, uNkosinathi Emmanuel Ngcongo, owadutshulwa wabulawa ngo-2019. UKaputeni Sekgotodi uthe batholile ukuthi uNgcongo wadutshulwa abasolwa ababili ababaleka ngesivinini endaweni yesigameko.

Ngemuva kokubulawa kukaNgcongo, amaphoyisa asabalalisa isithombe sikaMtungwa eveza ukuthi ubengumsolwa ofunwayo ecaleni lokubulala.

UMntungwa wagcina eboshwe mhla zizinye kuNhlolanja. Wabekwa icala wavela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Bethal wagqunywa esitokisini.

Omunye umsolwa, uPhindokuhle Eugene Nkosi waboshwa wabekwa icala elifanayo lokubulala. Wagwetshwa iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngoMfumfu.

Esithombeni esingenhla: UDokotela Sobetha uvele enkantolo ngoMsombuluko ngemuva kokuboshwa kwakhe ngomhlaka-24 kuNdasa

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe oKlebe

Izihloko zakamuva