Ukhalelwe amasongo kasigonyela obezenza iphoyisa

Kamogelo Olaitan

Owesifazane wase-Kenya uvele kumabonakude kazwelonke ezenza iphoyisa, kodwa engelona kangangokuthi ubengatshengisi ukuba yiphoyisa okuholele ekutheni aboshwe.

UMonica Wamaitha Gitau oyisakhamuzi futhi okubikwa ukuthi usefisa ukuba usopolitiki ubegqoke umfaniswano wamaphoyisa ophelele ngesikhathi evela ohlelweni lwasekuseni oludumile lwe-Inooro TV.

Kodwa ibheji nehembe eliluhlaza akwenzanga lutho ukukhohlisa amaphoyisa abelalele futhi ngesikhathi umdlalo uphela, uGitau uphume eseboshiwe. 

Akekho owaziyo ukuthi kungani lo wesifazane ezenza iphoyisa. Umsakazo nawo awukaphawuli ngalolu daba.

Ku-Twitter i-National Police Service e-Kenya ithe uGitau kumanje ubhekene  necala lokuzenza iphoyisa.

Okuxakayo ukuthi amaphoyisa athi uGitau ungenele ukhetho ephalamende eqenjini le-Nairobi Women MP okhethweni oluhlelelwe uNcwaba. 

Ukuze kugwenywe izigameko ezifuze lesi esikhathini esizayo, amaphoyisa anxuse abezindaba ukuthi bahlole ngokucophelela amaphoyisa ngaphambi kokubamema kwingxoxo.

Abezindaba bendawo e-Nairobi babika ukuthi phakathi nengxoxo uGitau utshele umethuli wohlelo ukuthi wayengumxhumanisi wezokuphepha nokuthi wayene-polytechnic e-Kibera.

“Angicabangi ukuthi kunenkinga ngokuthi ngivele ngikhulume ngepolitiki uma ngigqoke umfaniswano,” usho kanje ngolimi lwesintu ngesikhathi sengxoxo ezitshela ukuthi umfaniswano wakhe awukhombisi ukuthi uyiphoyisa mbumbulu.

“NgoLwesibili sabona u-Oscar Sudi oyilungu lePhalamende egqoke umfaniswano wesikole futhi ngesinye isikhathi uSabina Chege ongusopolitiki wase-Kenya naye wabonakala egqoke umfaniswano wakhe omdala wesikole. 

Nami ngiwugqokile lo mfaniswano njengabo,” kuqhuba yena kucaca ukuthi ugqoke umfaniswano.

“Kungenxa nje yokuthi iluhlaza okwesibhakabhaka ngombala, nokho umfaniswano wami owesikole. Ngikhethe lena ngoba iyona esetshenziswayo njengamanje nokumela abanye besifazane,” kusho lo wesifazane. 

Ngo-2013 owelisa wase-Kenya uJoshua Waiganjo kuthiwa wazenza umsizi kakhomishana wamaphoyisa iminyaka emihlanu.

Kuthiwa ubeqasha waphinde waqasha amaphoyisa esifundazweni sase-Rift Valley ngaleso sikhathi.

UWaiganjo wakhishwa phambili kukaNhlaba ngonyaka ka-2020 iNkantolo Ephakeme.

Umthombo wesithombe: @NPSOfficial_KE

Izihloko zakamuva