Ukhala ngokuntuleka kwamanzi umphakathi waseNquthu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ukungabi khona kwamanzi kuMasipala wesifunda uMzinyathi kushaya kakhulu isibhedlela saseNquthu.

Iziguli ziphoqeleka ukuthi ziziphathele amanzi esibhedlela.

Lokhu kuvele ngesikhathi kunombhikisho wabasebenzi be-Cosatu eNquthu, ngoLwesibili obumayelana nokungabi khona kwamanzi ezikhungweni zikahulumeni.

UMnu Rapelang Motloung we-Cosatu uthe abantu baseNquthu sebephelelwa isineke ngalolu daba.

Isiteshi samaphoyisa esikhulu esisedolobheni emakhaya naso sibhekene nale nselela okuholela ekutheni iziboshwa ezithile ziyiswe kwezinye izitokisi.

“Ngempela asiqondi ukuthi kungani uMasipala wesifunda ehluleka ukunaka umphakathi waseNquthu ngale ndlela ngakho sifuna le nkinga bayixazulule zingakapheli izinsuku eziyishumi,” kusho uMotloung.

I-Scrolla.Africa ibike ngo-2020 ukuthi ezinye izikole zaseNquthu bezicela izingane ukuthi ziyokha amanzi emifuleni.

Ezinye izikole zize zehlisela amahora okufunda ukuze izingane zingachithi usuku lonke esikoleni njengoba amanzi engekho.

UMotloung uthe le nkinga iyaqhubeka futhi ithinta imiphakathi.

UMasipala waseMzinyathi awutholakalanga ukuze uphawule kanti nomakhalekhukhwini weMeya uRev Petros Ngubane lusiphose ezihlahleni. 

INquthu ingenye yezindawo e-KZN ezibhekene nenkinga yamanzi. EThekwini umphakathi waseMlazi usuchithe izinyanga ezintathu ungenawo amanzi.

Esithombeni esingenhla: UMnu Rapelang Motloung we-Cosatu uthe izinkinga zamanzi zihlasele ngisho isibhedlela saseNquthu.

Umthombo wesithombe: UCelani Sikhakhane

Izihloko zakamuva