Ukhala ngokunganakwa umphakathi okhahlanyezwe izikhukhula

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Imiphakathi ekhahlanyezwe izimvula ezinamandla isola uMasipala waseKapa ngokubeka eqhulwini izindawo zamaKhaladi.

Ngokubekezelela izimvula ezinamandla isikhathi esingaphezu kwesonto izakhamuzi zithi bezingakalutholi usizo emaqenjini ajutshwe uMasipala ukuthi azosiza.

USivenathi Majojo waseMfuleni uthe ubone ithimba elijutshiwe ukuthi lizosiza lisezindaweni zamaKhaladi ekubeni bona njengimphakathi basalindile.

“Ngibabone ekhasini laku-Facebook abaholi babo bekhombisa ngomsebenzi wabo, angazi noma amakhansela ethu yini ahlulekayo kodwa sihlezi siza ekugcineni uma kuziwa ngasekutholeni usizo,” kusho uMajojo.

Yena kanye nabanye abaningi bebesazama ukukhipha amanzi ezindlini zabo ngemuva kwemvula yangesonto eledlule ngesikhathi bephinde bebhekana nenye imvula ehambisana nomoya onamandla.

“Abantu abaningi bashiye izindawo zabo ngenxa yezikhukhula ngoba bekungaphephile ukuqhubeka nokuhlala ngaphandle kokuthola amaloli azokhipha amanzi ezindlini zabo,” kusho uMajojo.

UMandisa Nokele uzwakalise ukudumala, kodwa wathi angeke bakuvumele ukuphathwa ngale ndlela.

“Siyijwayele lempatho, kodwa lokho akusho ukuthi sizothula ngayo. Ngaso sonke isikhathi uma kunezikhukhula ezindaweni zethu kumele sihlale silwela ukuthola izidingo kanti lokhu akwenzeki kwezinye izingxenye zaseKapa,” kusho.

Okhulumela iSikhungo Sokulawulwa Kwezinhlekelele eKapa uCharlotte Powell, ​​ubonge imizamo eqhubekayo yokubhekana nemithelela emibi yesimo sezulu.

“Ukuna kwemvula eqhubekayo kubambezele inqubekela phambili mayelana nokuzama ukulungisa imigwaqo egcwele amanzi, ukulungiswa kukagesi, nokususa izihlahla eziwile, kodwa umsebenzi usaqhubeka.”

Uthe indawo yaseMfuleni ingenye yezindawo eziseqhulwini. Ezinye izindawo ezibhekene nenkinga ise-Philippi, iKhayelitsha, iNyanga, iGugulethu kanye ne-Vygieskraal. 

“ UMnyango Wezokulawulwa Kwemigwaqo kanye Nengqalasizinda yedolobha uhlinzeka ngempahla ezosiza ukulungisa izindlu eziqhekezekile  nezinsizakusebenza izizosiza ukuvula imisele okuzohamba kuyo amanzi ezindaweni ezithintekile.”

Uthe unethemba lokuthi izinsuku ezingenamvula ezizayo zizosiza ukuthi kwehle izinga lamanzi futhi kwehlise nezinkinga zezikhukhula.

UPowell ubalule ukuthi izinhlangano ezizimele, amabandla kanye namalungu omphakathi bebematasa behlinzeka ngezingubo zokulala nokudla ezindaweni ezithintekile.

Ngaphezu kwalezi ziqinisekiso izisulu zezikhukhula eziningi ezindaweni ezigcwele abantu abamnyama eKapa ziyakhala ngokunganakwa.

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zasezindaweni ezikhahlanyezwe izikhukhula eKapa zizwakalisa ukuphatheka kabi njengoba zithi usizo lukaMasipala lugxile ezindaweni zamakhaladi kuphela.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva