Ukhala ngokungakhokhelwa umculi

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

UMakhadzi uthi akakhokhelwanga ngisho isenti elimnyama ngama-albhamu amathathu awaqopha ne-Open Mic kodwa inkampani yokuqopha iyakuphikisa lokhu.

NgoLwesine ekuseni, abasebenzisa u-Twitter ukuze bakhangise izinto (influencers) bakhiphe izitatimende zasebhange ezikhombisa ukuthi uMakhadzi ukhokhelwe imali elinganiselwa ku-R8 million.

Basabalalise nencwadi evela kubammeli ebibhalelwe lo mculi enikezwa isikhathi sokuthi axolise.

Ngesikhathi uMakhadzi eveza izinsolo zakhe uthe usayine inkontileka yeminyaka emithathu ne-Open Mic. Uphinde wathi ukhiphe ama-albhamu amane eminyakeni emithathu engakhokhelwanga ngawo. 

“Amanye ama-albhamu ami afinyelele ku-platinum amanye afinyelele kwigolide futhi nganginezingoma ezishisa izikhotha ezafinyelela ku-platinum negolide, kodwa ngaqhubeka nokusebenza ngaphandle kokukhononda.”

Lolu daba olufake abezinkundla zokuxhumana kanye nabammeli okuhlanganisa nosopolitiki we-EFF, uGodrich Gardee banikeze uMakhadzi usizo lwamahhala lwezomthetho ukuze aphume kubudlelwano bakhe nenkampani yomculo futhi babuyise nemali.

Ngemuva kwalokhu okuvezwe nguMakhadzi, abanye abaculi abasayine ku-Open Mic abafana nomculi uPaige nabo baphumele obala bethi abakhokhelwanga i-Open Mic.

Eziphendulela ngezinsolo ze-Open Mic zokuthi ukhokhelwe izigidi, uMakhadzi akazange akhathazeke. Lo mculi owaqamba ingoma ethi “Ghanama” utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usafuna imali yakhe.

“Anginandaba nokukhokhelwa kwabagqugquzeli ukuze kungcoliswe igama lami, ngifuna imali yami nekhophi yenkontileka obekumele ngiyisayine.”

UMakhadzi osanda kuhlabana ngendondo yomculo we-Metro FM, uthe akanawo umuzwa omubi nge-Open Mic. “Kumele banginike imali yami ukuze kuzosetshenziswana futhi angibazondi,” kusho uMakhadzi.

Isithombe esingenhla: Umculi uMakhadzi

Umthombo wesithombe:@MakhadziSA

Izihloko zakamuva