Dylan Bettencourt
Umdlali waseNgilandi uJoe Marler udalule ukuthi ukulimala ekhanda ngesikhathi edlala kwamenza wakhohlwa ukuthi ungubaba.
Ngesikhathi exoxa ngomdlali wase-Wales uRyan Jones otholakale enesifo sokuwohloka komqondo eneminyaka engu-32, umdlali waseNgilandi uthe ukulimala ekhanda kwamshiya equlekile.
“Bengigodola. Into elandelayo engiyikhumbulayo ukuthi ngangisegumbini lokuzifudumeza kwabe sekungena owesilisa ophatha amajezi eqembu. Ngavele ngaphuka umoya. Ngangingasakhumbuli ukuthi nginezingane. Kwangithusa kakhulu,” kusho yena etshela i-TalkSport.
UMarler walimala ngo-2016 ngesikhathi engqubuzana nozakwabo waseNgilandi uBilly Vunipola.
Kusukela lapho umkakhe ubelokhu emncenga ukuthi ahambe ayohlola ngemuva kokulimala.
“Ngavela nganquma ukusikhohlwa lesi sigameko ngoba sangethusa kakhulu. Ngavele yilesi sigameko,” kusho lo mdlali osewine i-Six Nations amahlandla amathathu.
“Kodwa njengoba kuqhubeka kuvela futhi kubonakala kakhulu kwezemidlalo, kuyanda ukuthi abadlali batholakale benalesi sifo. Kuyadabukisa.”
Umdlali we-Harlequin uthe kubi ukuthi uJones kufanele atshelwe lokhu esemncane kangaka.
Kodwa-ke, nakuba uMarler evuma ukuthi kukhona okumele kwenziwe ukuze kugwenywe lokhu, ibhola lombhoxo kumele lingashintshi.
“Kuyohlezi kukhona leyo nto eyingozi futhi awufuni ukuyisusa ngoba lokho kuyobe kungasesilo ibhola lombhoxo,” esho.
“Kodwa kumele abangena kuwo baziswe ngalokhu. Inqobo nje uma abadlali benolwazi ngezingozi ezikhona, bangakwazi ukukhetha abakufunayo,” esho.
URyan Jones kanye nabanye abadlali abaningi basezinhlelweni zokuthathela izigungu ezilawula inyunyana yebhola lombhoxo izinyathelo zomthetho.
Abadlali bakholwa ukuthi izigungu azenzanga okwanele ukubavikela ngesikhathi besadlala.
Izinyathelo zithathwe eminyakeni yamuva ukuze kuncishiswe ingozi yokulimala ekhanda, njengokunciphisa ukuqeqeshwa kokuxhumana phakathi nesonto kanye nokwethula izinhlawulo ezinzima kumdlali odlale kabi.
Umthombo wesithombe: @TheIndependent