Ukhala ngokuhlukunyezwa umdlali weMadrid

UVinícius Júnior we-Real Madrid uzwakalise ukucasuka kwakhe kwi-La Liga ngemuva kokubekezelela izinkulumo zokucwasa enkundleni e-Valencia Mestalla ngeSonto.

Umgadli wase-Brazil oveze ukuthi abalandeli bebemusho ngenhlamba, uphazamise umdlalo imizuzu eyishumi ngesikhathi exabana nabadlali be-Valencia okuholele ekukhishweni kwakhe ngesikhathi esengeziwe.

“Lokhu akukhona okokuqala noma okwesibili. Ukucwasa ngokobuhlanga kuyinto evamile kwi-La Liga. Inkundla nomfelandawonye uyakwamukela futhi izimbangi ziyakukhuthaza lokhu, “ kubhala uVinícius M ku-Twitter ngemuva komdlalo.

“Umqhudelwano owake waba ngoRonaldinho, uRonaldo, uCristiano kanye noMessi manje usungowabacwasi.

Isizwe esihle esangamukela nengisithandayo, kodwa sivuma ukuthumela isithombe esibi sezwe elicwasa ngokwebala. Ngiyaxolisa kulabo  abase-Spain abangavumelani nalokhu kodwa namuhla e-Brazil, i-Spain yaziwa nemeses eligqugquzela ukucwasa ngokobuhlanga.”

Umphathi we-Real Madrid, uCarlo Ancelotti naye usigxekile lesi sigameko ezinkundleni zokuxhumana wathi: “Namuhla kube usuku olubuhlungu e-Mestalla, ngesikhathi iqeqebana labalandeli libonisa uhlangothi lwalo olubi kakhulu. Sekuyisikhathi sokuyeka ukukhuluma futhi sithathe isinyathelo esiwujuqu.

Ukucwasa ngokwebala akunandawo ebholeni futhi akumele sikuvumele.”

Uzakwabo weqembu likaVinícius Júnior, u-Éder Militão naye ongowase-Brazil uzwakalise umbono wakhe ebiza lesi simo njengehlazo.

“Akumnandi ukucwaswa ngokobuhlanga, uthi uyazivikela bese uyakhishwa! Kuyoze kube nini sikubekezelela lokhu?” 

U-Ednaldo Rodrigues uMengameli wenhlangano yebhola e-Brazil, uthumele umyalezo wokumeseka lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala, ethi: “Kuyoze kube nini sibona iziqephu ezifana nalesi e-La Liga? Ayikho intokozo lapho kunobandlululo khona. Ibala lesikhumba akufanele libe inkinga.”

I-La Liga ifunge yagomela ukuthi izophenya ngalesi sigameko ngokuqoqa bonke ubufakazi obukhona. “Uma kutholakala ubugebengu obunenzondo, sizothatha izinyathelo zomthetho ezifanele,” kusho lolu phiko.

Akukhona okokuqala uVinícius Júnior ebhekana nokuhlukunyezwa ngokobuhlanga. I-La Liga ike yafaka izikhalo ngezigameko ezifuze lezi, okuhlanganisa nesimangalo sakamuva eNkantolo yase-Mallorca ngemuva kokuba abalandeli bebanjwe ikhamera behlukumeza umgadli.

Amaphoyisa ase-Spain nawo aphenya ubugebengu obungase bube yinzondo ngemuva kokuthi unodoli we-mannequin ogqokiswe ijezi likaVinícius Júnior elingunombolo-20 elengiswe ebhulohweni elingaphandle kwenkundla yokuzilolonga ye-Real Madrid ngoMasingana.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Isithombe esingenhla: UVinícius Júnior

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva