Ukhala ngokucishwa kukagesi ophila ngesifutho somoya-mpilo 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Kubantu abaningi bakuleli ukucishwa kukagesi kuyinkinga enkulu. KuJenny Moloto kufaka impilo yakhe encupheni.

Impilo yakhe incike kwisifutho somoya-mpilo sikagesi esimsiza ngokuphefumula.

Kwatholakala ukuthi lona wesifazane  (67) wase-Pimville, e-Soweto unesifo esingajwayelekile se-Sarcoidosis esithinta amaphaphu akhe.

Lona ohola impesheni ubelokhu ethembele kwisifutho esimnika umoya-mpilo kusukela ngoNhlangulana odlule, futhi kusukela lapho impilo yakhe iye yashayeka kakhulu.

Ngempelasonto ngesikhathi kunesigaba sesithupha sokucishwa kukagesi phakathi kwamahora ayisishiyagalombili kuya kwayishumi ngaphandle kukagesi usuku nosuku, ohola impesheni akakwazanga ukuthola umoya-mpilo wakhe.

Ohola impesheni uthe indawo yakhe ibingenawo ugesi kusukela ngo-4.30 ekuseni kuze kwashaya ihora lesishiyagalombili ebusuku okungamahora angu-16, kanti lokho kuye kwamphoqa ukuthi asebenzise isifutho sakhe somoya-mpilo asisebenzisa kuphela ngezikhathi eziphuthumayo.

“Ngamahora ayishumi kubiza u-R400 ukugcwalisa isifutho. Kufanele ngibize umuntu ozongigcwalisela  kabusha,” esho.

Indodakazi kalowo ohola impesheni uMpho Rammile, uthe abakwazanga ukuthola umuntu ogcwalisa isifutho somoya-mpilo ngenxa yokungasebenzi kahle komakhalekhukhwini nokuyinto ephinde iphazamiseke ngenxa yokucishwa kukagesi.

“Kudingeke ukuthi siphume ngemoto endaweni yangakithi ukuze sithole indawo enenethiwekhi ukuze sithumele umlayezo wokuthi umshini womoya-mpilo ulethwe ekhaya.

“Ngesikhathi sesicabanga ukuthi sizothola usizo obesilethela umoya-mpilo uye wavaleleka esiminyaminyeni ngenxa yamarobhothi angasebenzi,” engeza.

Uthe ngalesi sikhathi unina ubedonsa kanzima engakhoni ukuphefumula futhi lokho kumenze wathuka kakhulu.

UMpho uthe unovalo ngokucishwa kukagesi nokuqagela kokuthi kungase kufinyelele esigabeni sesishiyagalombili nokuthi umama wakhe angase ashone.

“Okwamanje sidonsa kanzima ukukhokha u-R400 wokugcwalisa isilinda somoya-mpilo ngesikhathi sesigaba sesithupha sokucishwa kukagesi, futhi sidinga amasilinda amabili omoya. Sizodlula kanjani kulokhu?

“Ukhona yini ephalamende onendaba nathi oziqondayo izinselelo izakhamizi ezibhekana nazo ngenxa yokucishwa kukagesi?

“Abanye abantu bayakwazi ukushintsha izinto zabo zikagesi ezimoshekayo ngenxa yokucishwa kukagesi. Uma umama eshona ngeke ngikwazi ukubuyisa impilo yakhe,” engeza.

Esithombeni esingenhla: UJenny Moloto

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva