Lubhalwe nguThathe Msimango
UNorman Dlomo owake waba umpetha wakuleli ku-5 000m ukholelwa ukuthi kuzoba nzima ukuthi abasubathi bangene kwi-World Athletics Championship yalo nyaka nokuthi kufanele kubuyekezwe izikhathi zokuhlungela.
Le midlalo ihlelelwe ukuthi ibe e-Budapest, e-Hungary kusukela ngomhlaka-19 kuya kumhlaka-27 kuNcwaba.
Amazinga okuhlungela imiqhudelwano eminingi aqine kakhulu kunalokho abeyikho emiqhudelwaneni edlule.
Ukuze akwazi ukuhlungela ibanga lika-10 000m, umsubathi wakuleli uPrecious Mashele kufanele agijime isikhathi esingu-27:10.
Lokhu kusho ukuthi kumele aphule irekhodi lakuleli elineminyaka engu-23 eliphethwe uHendrick Ramaala.
UMashele ugijime isikhathi esihle esingu-27:55.
Emiqhudelwaneni emibili edlule akekho umsubathi wakuleli owakwazi ukuhlungela u-10 000m.
UDlomo owamela izwe kuma-World Athletics Championship ngo-2007 utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izikhathi zokuhlungela zinciphisa amazwe amancane.
“Ngicabanga ukuthi izikhathi zokuhlungela azifanele. Kuzoba nzima ukuthi abasubathi abaningi bangene kule miqhudelwano,” kusho uDlomo owaphuma endaweni yeshumi kuma-World Athletics Half Marathon Championship ngo-2005.
“Bangaki abasubathi abakwazi ukugijima isikhathi esingu-2:09 ezingeni le-marathon ezweni lakithi? SinoDesmond Mokgobu kuphela kanti uStephen Mokoka nguyena esingamethemba. Nakwamanye amazwe amancane abasubathi bazozabalaza noma basebenze kanzima ukuze kufezeke iphupho lokumela amazwe abo,” esho.
“Ngicabanga ukuthi izikhathi kufanele zibuyekezwe.”
UDlomo (46) waduma ngesikhathi ephuma endaweni yesithathu kwi-Milano Marathon ngo-2007 ngesikhathi egijima isikhathi esingu-2:10:38.
Esithombeni esingenhla: UNorman Dlomo
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe