Ukhala ngesikweletu sikamashonisa owamafilimu

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umdidiyeli wefilimu entsha yaseThekwini ethi Taxi Bosses usedalule ukuthi le filimu yasebenzisa imali kamashonisa ngesikhathi ingena ezikweletini.

Ngesikhathi ethula le filimu endaweni yeshashalazi ebizwa nge-Stable Theatre ngempelasonto, umnikazi weShelembe Aphiwe Productions uNhlanhla Shelembe uthi le filimu imshiye nenkulu inkinga yesikweletu.

“Ngahlanganyela ne-XD Productions kulo mkhakha womsebenzi. Ukuhlanganisa lo mdlalo bekungelula ngoba bengingacabangi ukuthi izindleko zizonyuka.”

“Cishe ingu-R500 000 imali esetshenziswe kule filimu, kodwa ngenhlanhla ngaya komunye wabangani bami owathanda umbono wami wokuthi ngibuyele emphakathini ukuze ngizonikeza intsha nabanye ithuba lokuveza ikhono labo.

Ngiyethemba ukuthi laba balingisi abasha bazolibamba ithuba benze kahle emsebenzini wabo,” kusho uShelembe.

Le filimu ikhuluma ngokuguquka kwemboni yamatekisi nokuthi izingxabano zomndeni ziholela kanjani ekushoneni kwabantu.

Yize le filimu ibisebenza ngesabelomali, kodwa ikwazile ukufaka abalingisi asebezakhele igama njengoBhekisizwe Mahlawe, odlala indawo kaCalvin Gumede ku-Durban Gen ku-e.tv, uSiyabonga Radebe owayengumlingisi woZalo aphinde abe ngusomahlaya, u-Andile Mxakaza owayengumlingisi weSibaya.

UNdumiso Dlamini owayedlala indawo kaThemba kwi-Family Bonds eminyakeni edlule naye ulingisa kule filimu.

UNozipho Cele noLerato Mbhele bahlabe umxhwele ngokulingisa kwabo okokuqala.

Umdidiyeli we-Word of Mouth nakuMzansi Magic uMandla ka Nozulu kanye nozakwabo weNanda FM uMapule Mchunu nabo babonakale bezokweseka.

Abasesithombeni esingenhla: Esandleni sobunxele uBhekisizwe Mahlawe, uSiya Radebe, uRay Mkhize, uXolani Dlamini, uLerato Mbhele, uNhlanhla Shelembe noNdumiso Dlamini

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva