
Linda Ximba
Ukhala ezimathonsi umshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uThabiso “The Rock” Mchunu, ngemuva kokuthi ahluleke ukuthola ibhande le-WBC Cruiserweight empini yakhe no-Ilunga “Junior” Makabu eMelika ngeSonto ekuseni.
“Ngibanjwe inkunzi emini kwabha!” kukhala uMchunu ngemuva kokuhlulwa ngesinqumo esisekelwe ngamajaji.
“Kanti iyiphi impi ebibukelwe ngamajaji ngampela? Ngishaye izibhakela ezinhle kakhulu futhi uMakabu bengimumise kabi. Uyazi naye ukuthi ngimshayile nje”.
Amajaji amabili anike uMakabu amaphuzu angu-115-113 no-116-112 ngemuva kwemizuliswano engu-12, kwathi elesithathu lanika uMchunu oneminyaka engu-33, u-115-113.
Omathathu amajaji bekungawaseMelika.
UMakabu usezohlangana nesihlabani sase-Mexico uCanelo Alvarez ohamba phambili esibhakeleni njenga manje.
Lo mpetha odabuka e-DR Congo kodwa osezinze eGoli ngaphansi komqeqeshi uDamian Durandt, uwine amahlandla angu-29 wahlulwa kabili njengoba uMchunu ehlele ku-23-6.
UMakabu ubeshaya kahle impela, kodwa uMchunu obeqhulula izibhakela ezibukhali kakhulu futhi bekungezona izibhakela eziningi, ube nomthelela ekutheni uMakabu abukeke ekhathele futhi evilapha.
Uze waqhuzuka wahlehlela emuva ngenkathi uMchunu embamba sekuhambe isikhathi esiwombeni somdlalo.
Abaningi banomuzwa wokuthi impi ibenokuchema njengoba uphromotha ongundabamlonyeni waseMelika, uDon King, engazange akufihle ukuthi uchemile ngesikhathi engena eringini ephephezelisa ifulegi laseMelika nelase-DRC – futhi ubengaliphethe ifulegi laseNingizimu Afrika elimele uMchunu.
Lo mshayisibhakela waseThekwini wehlulekile ukuhamba ezinyathelweni zikaSugar Boy Malinga noDingaan Thobela.