Ukhala ngempatho engeyinhle ejele osolwa kwelikaSenzo

Dylan Bettencourt

Ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa kuqhubeke ngoLwesibili kanti omunye wabasolwa abahlanu uthe impilo yakhe isengcupheni ejele lasePitoli.

Ummangalelwa wesithathu, uMthobisi Carlos Ncube, uthe isimo sasejele sinobulwane.

Khonamanjalo u-Advocate Malesela Teffo, omele abasolwa abane kwabahlanu, uhoxile esikhundleni sakhe njengommeli  wabo ngaphambi kokuthi usuku luphele. Ummeli uthe akasakwazi ukumelana nokuhlukunyezwa akuthola enkantolo nasembusweni.

Ube esechaza ukuthi uzobuyela endimeni yakhe yokunakekela umndeni wakwaMeyiwa.

Kodwa ngaphambi kokuthi ahoxe, uTeffo ucele ukufunda incwadi yomsolwa.

UTeffo uthe umsolwa – manje ongasesilo iklayenti lakhe  – ubhekene nezimo ezibeka impilo yakhe engozini ejele.

“Iklayenti lami lithunjwe ejele laseGoli lathunyelwa eKgosi Mampuru. Iklayenti lami liyahlupheka. Ngicela inkantolo ivume ukuthi incwadi ifundwe,” esho.

Ummeli womsolwa wesihlanu, u-Advocate Zandile Mshololo, uthe yena nommeli wombuso uGeorge Baloyi abayibonanga incwadi kaNcube.

IJaji uTshifhiwa Maumela uthe lolu hlobo lwemininingwane ludinga ukwabiwa namathimba abammeli ngaphambi kokuthi lwabiwe enkantolo.

UBaloyi ucele ukuthi kube khona isikhulu sophiko lwezokuhlunyeleliswa kwezimilo uma kufundwa incwadi ukuze sinikeze impendulo efanele.

Isicelo sikaMshololo sokuthi leli cala lihlehliswe savunywa ngenyanga edlule ngesikhathi kuvezwa idokodo elisola uKelly Khumalo ngecala lokubulala.

NgoLwesibili lo mmeli uphinde wacela ukuthi leli cala lihlehliselwe usuku oluthile kuMandulo.

“Njengoba manje inhloso [yokulalelwa kwesicelo] sombuso ibhuntshile, ngicela ukuthi leli cala lihlehliselwe umhla zizine kuMandulo ukuze kuqhutshekwe nokuqulwa kwecala,’ esho.

Icala lihlehliselwe umhla zimbili kuNcwaba.

Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE

Izihloko zakamuva