Celani Sikhakhane
Owayengusihlalo weKhomishini yoKhetho eziMele (i-IEC) usole ikhomishini ngokwehluleka ukuqinisa ezokuphepha ngendlela efanele ukuze kugwenywe umkhonyovu uma kuvotwa.
UTerry Tselane ubekhuluma ne-Enca ngemuva kokuthi uthisha waseMlazi eThekwini elahlwe yicala lokwephula uMthetho woKhetho ngokuvota amahlandla angu-24 ngesikhathi engunogada okhethweni lohulumeni basekhaya nyakenye.
UTselane uthe ukuboshwa kukaNomusa Gabuza kudalule ukwehluleka kwe-IEC ukubhekana nokukhwabanisa ngesikhathi sokhetho.
“Udaba lukaGabuza liwubala nje. Kuyinto okungamele ithuse abantu ngoba sekunesikhathi eside le nkohlakalo ikhona. Lokhu kuphonsela i-IEC inselelo ngokuqinisa ezokuphepha esikhathini esizayo ezikhungweni zokuvota ukugwema inkohlakalo,” kusho uTselane.
UGabuza utshele iNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesine eledlule ngaphambi kokuthi agwetshwe ukuthi washeshe wafika esikhungweni sokuvota. Isikhungo sokuvota sasisesikoleni lapho ayesebenze khona njengothisha.
Udalule ukuthi ngesikhathi eyedwa wavota amavoti angu-24 avuna iqembu lakhe lezepolitiki.
Ngeshwa isenzo sakhe sabanjwa yi-ejenti yeqembu eyahlola wonke amabhokisi okuvota.
Isenzo sikaGabuza siphambene nomthetho we-Local Government Municipal Electoral Act of 2000.
Akukhona okokuqala i-IEC ibhekana nezinsolo zokungaziphathi kahle.
Ngo-2013 kwadingeka ukuthi iKhomishini yoKhetho iluchithe ukhetho lokuchibiyela kuMasipala waseMtubatuba ngemuva kwezinsolo zokuthi zonke izikhungo zokuvota zaziphethe imininingwane yabantu ababethuthwa kwezinye izindawo beyovotela i-ANC.
Labo bantu banikezwa amakheli endawo kodwa babuye babanjwa ngesikhathi behluleka ukuveza ulwazi lwezindawo abathi baphuma kuzo.
Okhethweni lohulumeni basekhaya nyakenye, i-DA yakhala kwi-IEC ngokuthi imishini yayo yokuvota ayisebenzi ezindaweni lapho esekwa khona kakhulu.