Ukhala ezimathonsi owesifazane odlwengulwe eyofunela ingane yakhe usizo

Elmon Tshikhudo

Luphethe kabuhlungu uhambo lowesifazane lokuyokhulekela ingane yakhe egulayo ngesikhathi ethunjwa ngabesilisa baphinda bamdlwengula beshintshana ngaye. 

Lesi sigameko senzeke ehhotela okuthiwa i-Khorona e-Thohoyandou ngezikhathi zasekuseni ngehora lesithupha kodwa abasolwa baphinde bamthatha bamyisa e-Miluwani eduze nehhotela lapho okusolwa ukuthi baqhubekile bamdlwengule khona.

Lo wesifazane oneminyaka engu-44 wasesigodini sase-Tiyani Magoro, uye e-Thohoyandou eyobona omunye wabathandazi bendawo.

Ngesikhathi elinde itekisi esitobhini, lo wesifazane uthunjwe abesilisa abahlanu abaphume etekisini evele yama phambi kwakhe.

Omunye wabasolwa kuthiwa uphume etekisini kwathi abanye abane balibangisa emzini ose-Miluwani.

Sebefikile, abasolwa abathathu kwabane kuthiwa bashintshane ngokudlwengula lo wesifazane.

Umthumbi wesine akathandanga ukuzibandakanya  ukuhlanganyela ekunukubezeni ngokocansi. Ngenxa yalokho, uhlaselwe abanye abathathu abakade bezama ukumphoqa ukuba ahlanganyele kuleli tulo labo lokudlwengula.

Ngemuva kwamahora ambalwa, lo wesifazane obethukile ecabanga indlela angeqa ngayo, ulinde isikhashana. wagcina eqhamuke necebo.

“Bengilalela konke abakushoyo ngabe sengenza sengathi ngifuna ukuyozikhulula endlini yangasese,” echazela i-Scrolla.Africa.

Ngesikhathi abasolwa befulathela, wabaleka.

“Ilapho-ke engibalekele khona ngabalekela ezindlini eziseduze lapho ngathola khona usizo.”

Nokuba ebile naso isibindi sokubaleka, isisulu sibona ngathi isithunzi saso basidicelele phansi. 

“Angizange ngifune nokuvula icala ngoba ngiyazi ukuthi konke kuzohamba kancane, bengincamela ukuziphindiselela kodwa njengoba sebeboshiwe ngizolinda ukuthi kwenziwe ubulungiswa,” kuchaza owesifazane.

Umsunguli we-Real Man Foundation uCalvin Nengudza ukhuthaze waphinde wasiza lona wesifazane ukuthi avule icala. Uthe kuyamkhathaza kakhulu ukuthi amadoda angaphenduka izilwane kubantu okumele babavikele.

“Sizoqhubeka nokumeseka njengenhlangano,” kusho uCalvin.

Amaphoyisa ase-Thohoyandou akuqinisekisile ukuthi abalisa abathathu, ababili abaneminyaka engu-25 noyedwa oneminyaka engu-24, baboshiwe bathweswe icala lokudlwengula kanti bazovela enkantolo maduze.

Izihloko zakamuva