Ukhala ezimathonsi ofunela indodana yakhe usizo 

Lubhalwe nguChris Gilili

Ngesikhathi u-Ofentse Kganyago ebeletha ingane yakhe mhla ziyishumi kuNhlangulana nyakenye wametha igama elithi Kutlwano, okusho ukuthi ukuthula.

Kodwa kuncane ukuthula indodana yakhe esibe nakho selokhu yafika emhlabeni njengoba izalwe inezinkinga. Manje odokotela bamtshela ukuthi akukho abangakwenza ngezinkinga zakhe zezempilo.

U-Ofentse uthe uKutlwano wafika ngendlela ejwayelekile esibhedlela i-Odi e-Tshwane, ngaphandle kokuthi amehlo akhe ayebonakala ephuzi.

Abahlengikazi batshela U-Ofentse (26) ukuthi kuzothatha izinsuku ezine ukuthi amehlo akhe akhanye njengoba kungenzeka ukuthi uzalwe ene-jaundice yezingane okuyinto evamile.

“Kwadlula izinsuku eziyisithupha amehlo akhe engabi ngcono. Amehlo nobuso kwakusabonakala kuphuzi,” uKganyago etshela i-Scrolla.Africa.

Uthe belumkhathaza uhambo olude oluya e-Odi  wakhetha ukuya esibhedlela kuDr George Mokhari Academic Hospital, e-Ga-Rankuwa okuyilapho ahlala ngakhona.

“Odokotela bamhlole kaningi base bemlalisa,” kusho u-Ofentse.

“Benze i-biopsy yesibindi. Ngatshelwa ukuthi i-jaundice yakhe isithinte kabi isibindi sakhe.”

NgoLwezi nyakenye odokotela bathola ukuthi uKutlwano une-biliary atresia kanye ne-cirrhosis yesibindi.

I-biliary atresia ingachazwa njengokuvaleka kwamashubhu athwala i-bile esuka esibindini sosana iye enyongweni.

I-cirrhosis yesibindi yisimo lapho isibindi somuntu sonakala khona. Lesi simo sivimbela isibindi ekusebenzeni ngendlela evamile. Uma kuba kubi kakhulu, leso sitho somzimba siqala ukwehluleka ukusebenza. 

Lokhu kuphazamisa ukukhula kukaKutlwano njengoba isisindo sakhe siphansi kakhulu njengoba enezinyanga eziyisishiyagalombili. Njengoba enesisindo esingamakhilogremu ayisithupha, unesisindo esingaba izingxenye ezimbili kwezintathu zomntwana ophila kahle nolingana naye.

“Ngezinye izikhathi uzinwaya ngeminwe yakhe emncane, ahlanze njalo futhi abe nesifo sohudo.”

“Bengihlala naye ubusuku bonke ekhala futhi ezwa izinhlungu. Bengivele ngithuke ngiphuthume esibhedlela, kodwa odokotela bangitshela ukuthi akukho abangakwenza.”

Ngokusho kukaKganyago, indodana yakhe izodinga ukufakelwa isibindi ukuze iphile impilo ejwayelekile.

“Kunzima ukubhekana nalesi simo ngoba asisebenzi sonke. Ubaba kaKutlwano naye akasebenzi. Izindleko zokumyisa esibhedlela nyanga zonke ziyinselelo enkulu.”

“Odokotela abanaso isiqiniseko sokuthi uzophila isikhathi eside ngokwanele size sithole ozonikela ngesibindi. Kubuhlungu kumina ngendodana yami.”

Uthe isibhedlela samtshela ukuthi odokotela kusamele baphinde benze olunye ucwaningo enganeni futhi kumele ibe sesimweni esihle ngokomzimba ngaphambi kokuthi ihlinzwe.

Umndeni wabo unamalungu angu-11 bonke bahlala endlini yomxhaso e-Ga-Rankuwa, e-Tsunami Extension yena ulala phansi noKutlwano.

Isithombe esingenhla: U-Ofentse nendodana yakhe uKutlwano benogogo

Umthombo wesithombe: Chris Gilili

Izihloko zakamuva