UKevin de Bruyne akayi ndawo – Pep Guardiola 

Abadlali abafudukayo: Joyina uRazeen Gutta embikweni wamasonto onke okudayiswa kwabadlali okwenzeka eNingizimu Afrika nase-Europe.

Sekuyileso sikhathi sonyaka futhi – imakethe yokudayiswa kwabadlali isivuliwe futhi isiyasebenza njengakuqala. Yize kungakashayi noNcwaba, sesivele sinazo ezakamuva ngoKevin de Bruyne kanye nenqwaba yezihlabani zebhola zomhlaba eziphambili. 

E-Yurophu 

Igama lomdlali wasesiswini we-Manchester City belilandelwa amahemuhemu ezinsukwini ezisanda kwedlula, kanti imibiko eminingi ithi uDe Bruyne ubesevumelene ngokuthile neqembu lase-Saudi Pro League i-Al Ittihad. 

Lo mdlali wase-Belgium ungomunye wabadlali basesiswini abahamba phambili ku-Premier League futhi umphathi wakhe usheshe wazichitha noma yiziphi iziphakamiso zokuthi angase ashiye e-Etihad. 

“Cha, uKevin akahambi,” kusho uGuardiola, enqamula umbuzo entathelini.  

Omunye wezihlabani ze-City unozinti u-Ederson naye ukhonjwa ngokufudukela e-Saudi. 

Lo nozinti wase-Brazil uzimisele ngokuhamba yize ukuxhumana kwakhe ne-Al Nassr kungahambi kahle, ngokusho kukaFabrizio Romano. 

I-City isinqabile isicelo se-Nassr; kanti i-Al Ittihad ingase ikulungele ukugxumela kuleli thuba njengoba sekuxoxiwe ngemibandela yenkontileka nomdlali. 

Yize ezoqhubeka ahlale e-Manchester kodwa uzosuka eqenjinii leziluhlaza okwesibhakabhaka ajoyine ezibomvu, i-United izoqhubeka nezingxoxo ne-Fiorentina zokuthenga uSofyan Amrabat. 

Lo mdlali odabuka e-Morocco udlale imidlalo engu-21 kuma-Red Devils ngesikhathi ebolekiswe khona ngesizini edlule. Isamba sokudayiswa kwakhe esilinganiselwa ku-£17-million (± R400-million), asikasebenzi.

Nokho izingxoxo zisazoqhubeka phakathi kwamaqembu nawase-Spain okubikwa ukuthi asamfuna lo mdlali wasesiswini. 

EYurophu yonkana e-Paris, isihlabani se-Netherlands Euro 2024 uXavi Simons senza ezibukwayo ukunakwa ngamanye amaqembu njengoba i-Bayern Munich ne-Leipzig bezimisele ngokulwela ukumboleka. 

Ngokusho kukaRomano, i-Leipzig ivumile ukusayinisa lo mdlali ngokubolekwa – njengoba i-PSG ibufune kanjalo – yize kodwa kulindeleke ukuthi umnyakazo uthathe isonto ngaphambi kokuphothulwa. 

E-Italy, i-Inter Milan ikwazile ukubambelela kumshayimagoli ophambili we-Copa America uLautaro Martinez.

Umkhankaso omangalisayo womgadli uphele ngesinye isicoco samazwe ngamazwe eqenjini lase-Argentina; futhi manje useqede konke ukuqagela ngokusayina isivumelwano esisha esizosebenza kuze kube ngu-2029. 

ENingizimu Afrika 

Ezindabeni zakuleli amehlo athe njo kuKaizer Chiefs njengoba izinkunzi zase-Soweto zibheke ukuzovuselela izinto ngaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.

Amakhosi asevele enze iminyakazo ethile; futhi uma amahemuhemu eyiqiniso, kungase kube khona umdlali wasemuva nomgadli abazothengwa. 

U-Inacio Miguel (28), osuka kompetha base-Angola i-Petro de Luanda ungumdlali wasemuva iChiefs encike kuyena okuyigebe uNabi afuna livalwe, ngokusho kwe-Unplayable. 

ISoccer Laduma ibike ukuthi umgadli weGolden Arrows uLungelo Nguse naye ufunwa uthuli ngaMakhosi. 

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala obuye aziwe ngelikaMbesuma, uhlonishwa kakhulu kanti usematheni ngemuva kokuhlohla kwakhe amagoli ayisithupha kwiligi ngesizini edlule. Azikho izinkulumo ezisemthethweni ezisaqinisekisiwe ngaye okwamanje. 

Esithombeni ngenhla: UKevin de Bruyne noPep Guardiola.

Umthombo: @fabriziorom

Izihloko zakamuva