UKeshav Maharaj uthola indawo emlandweni kanti uWiaan Mulder uthola ubhiya wamahhala

Dylan Bettencourt

UKeshav Maharaj, oyi-spinner kumaProteas, uthe uyajabula ukuthengela uWiaan Mulder “noma yini ayifunayo.”

Ukubamba okumangazayo kukaMulder, okubuyisele emuva unozinti we-wicket wase-West Indies, uJoshua Da Silva, kunikeze uMaharaj i-hat-trick yamawikhethi.

Lokhu kuyinto engakaze izuzwe eminyakeni engama-61, ngenkathi  uGeoff Griffin eyenzela iNingizimu Afrika ibhekene neNgilandi.

“Nomaphi yikuphi lapho afuna ukuyodla noma ukuphuza khona namhlanje ebusuku, yimina ozokhokha,” kusho uMaharaj.

Ama-Protea athole ukunqoba i-series yabo yokuqala engekho ekhaya eminyakeni emine njengoba behlule i-West Indies ngama-run ayi-158 emdlalweni wabo ngoMsombuluko. Lokhu kubangelwe kakhulu uMaharaj othathe amawikhethi amahlanu ukuze i-West Indies ipakishe nge-165. Ukunikeza abaseNingizimu Afrika ukunqoba i-series ngo-2-0.

Kuzoba nokuningi esizokugubha kuma-Protea, abebukeka ehlaba umxhwele uma eqhathaniswa nabaphikisi abakleliswe phezulu kunabo ngaphambi kokuqala kochungechunge. Umdlali ngamunye njengo-Elgar, uDe Kock kanye no-van der Dussen benze umsebenzi omuhle ngebhethi ngenkathi uMaharaj noMulder behlaba umxhwele ngebhola esandleni.

Umthombo wesithombe: @ESPNcricinfo

Izihloko zakamuva