Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UKenny Kunene, oyibambe leMMC yezokuhlaliswa kwabantu eGoli kanye nelungu elasungula iPatriotic Alliance (PA), uzimisele ngokuphinde alawule izakhiwo eziduniwe zedolobha.
UKunene uthe ngoLwesine iMeya yaseGoli uKabelo Gwamanda weqembu i-Al Jama-ah imnike amandla okuphatha uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuze kube kukhethwa i-MMC entsha.
UKunene ungene ngemuva kokuthi u-Anthea Leigh esule ngoMsombuluko ukuze agxile emsebenzini wakhe wokuba ngumgcinimafa-jikelele wePA.
“IPatriotic Alliance ikubeke kwacaca ukuthi izizwa kanjani ngokungena bakwamanye amazwe ngokungemthetho. Sizosebenzisa izikhundla zethu zobuholi ukulwa nalokho,” kusho uKunene.
“Njengoba sengiphethe, akekho ongangivimba ukuthi ngiqhubeke nomsebenzi engiwuqale ngonyaka odlule njengebamba lemeya.”
UKunene uzosebenzisana noMnyango wezaseKhaya ekuthumeleni abantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi emabhilidini aduniwe babuyele emazweni abo.
Uthe kubalulekile ukuthi kubuyiswe izakhiwo zikahulumeni.
“Bheka eSunnyside ePitoli. Bekuyindawo enhle kodwa manje isigcwele abantu bangaphandle futhi isibizwa ngeLagos,” usho kanje.
“Uma sesibuyise la mabhilidi, singawenza izindlu eziqashisayo nendawo yokuhlala yabafundi.”
Isithombe eskngenhla: MMC Kenny Kunene.
Umthombo: Doreen Mokgolo