UKelly usolwa ngokuba nesandla kwelikaMeyiwa

Everson Luhanga

Kulindeleke ukuthi kuvezwe ufakazi owazibonela ngawakhe ecaleni lokubulala uSenzo Meyiwa njengoba esola uKelly Khumalo ngokudubula “ngephutha” wabulala owayengunozinti weBafana Bafana.

Lokhu kuvezwe ngu-Advocate Malesela Teffo ngesikhathi ephenya iphoyisa uThabo Mosiaami ngemibuzo eNkantolo eNkulu yasePitoli ngoLwesithathu.

“Owazibonela uzofakaza ukuthi uSenzo Robert Meyiwa kuthiwa wadutshulwa nguNonhlanhla Kelly Khumalo ngephutha,” esho.

UTeffo ungummeli wabasolwa abane kwabahlanu abasolwa ecaleni lokubulala uSenzo Meyiwa.

UKhumalo wayengomunye wabantu abahlanu ababesendlini e-Vosloorus ngo-2014 ngesikhathi kugqekezwa umuzi, lapho uMeyiwa adutshulwa khona wabulawa.

Umndeni walowo owayengunozinti we-Orlando Pirates ubulokhu ulwela ukuthi kube nobulungiswa kusukela ngaleso sikhathi.

Kodwa-ke uKhumalo azimkhathazi izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi unesandla ekubulaweni kukaMeyiwa.

“Umsindo awubhekene nami futhi awuhlangene nhlobo nami. Uma ngidingeka nesikhathi sesifanele, umhlaba uzolizwa uhlangothi lwami,” kusho yena etshele i-Talk Radio 702.

Ummeli walesi sihlabani sakumabonakude uMagdalene Moonsamy wakhishwa ezinhlelweni zenkantolo ngoMbasa, yize ikhasimende lakhe liseyisisulu ngenxa yokuthi umbuso awunaso isiqiniseko sokuthi ungufakazi noma cha.

“Ikhasimende lami belisebenzisana namaphoyisa futhi belithobela zonke izicelo ezenziwa wumbuso namaphoyisa. Ulinde usuku lwakhe ukuze athole ukuthula. Angiboni ukuthi bengamcwasa kanjani umuntu oyisisulu,” etshela i-eNCA.

Umthombo wesithombe: @TheSouthAfrican

Izihloko zakamuva