UKelly ukhathazwa ukunukeka kwelokubulala

Zukile Majova

Uma sibheka indlela aziphatha ngayo emphakathini umculi uKelly Khumalo, kumele kube nokunye okwenzakalayo ecaleni lokubulala uSenzo Meyiwa.

Kungenjalo, ungayichaza kanjani enye indlela azizwa ngayo ngokuthinteka ekubulaweni kwesoka lakhe nowayengumdlali weqembu lesizwe uSenzo Meyiwa?

Buningi ubufakazi obethulwa enkantolo obumenza abandakanyeke kakhulu kuleli cala, njengoba abanye babasolwa bathi uMeyiwa wathengelwa izinkabi.

Inkantolo iphinde yezwa izethulo zokuthi uKhumalo wayedlala ngesibhamu esigcwele izinhlamvu ngesikhathi edubula ngephutha ebulala isithandwa sakhe.

Amaphoyisa aze abhala amaphepha ecala lapho uKhumalo abekwa khona icala lokubulala.

Umbono washaywa indiva kodwa ugqamisa ifu elimnyama eliphezu kwekhanda lakhe.

UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ngomhlaka-26 kuMfumfu ngo-2014 kubo kaKhumalo e-Vosloorus.

Engikuthola kukhathaza kakhulu kulo lonke lolu daba ukuthi uKhumalo  kanjani nomsebenzi wakhe nokuphila impilo yakhe emnandi engaphazanyiswa yizinto ezenzeka enkantolo.

Kuleli sonto wabelane ngochungechunge lwamavidiyo nabalandeli bakhe be-Instagram abangu-2.4 million ngokususa izinwele “ikakhulukazi ezangasese”.

Lo mculi uvumile ukuthi ujabulile ngokususwa kwakhe izinwele nge-laser okususe izinwele esilevini, emakhwapheni nasezithweni zakhe zangasese.

“Usale kahle testosterone. Kuphele amasonto amabili ngingakwazi ukushefa intshebe yami, okuyinto ebuhlungu kakhulu. Bengingakwazi ngisho nokuyikhipha,” kusho lo mculi embhalweni wakhe.

Izwi elimtoti lokuhleka kwakhe linikeza umuzwa womuntu ongacabangi ngokugqoka ama-ovaroli awolintshi.

Ngalesi sikhathi esinzima empilweni yakhe yobungcweti, uKhumalo usezakhele amabhizinisi amaningi, okuhlanganisa umculo, imidlalo yasesidlangalaleni kanye nakumabonakude – umdlalo owuchungechunge wakumabonakude ongase uvele ngesizini yesithathu.

Isitatimende esikhishwe yi-Showmax siphakamisa ukuthi umdlalo owuchungechunge womculi owawina izindondo i-Life with Kelly Khumalo unikeza imininingwane ngomlando wakhe wokuqoma okuhlanganisa noyise wengane yakhe yokuqala uJub Jub kanye noMeyiwa, onguyise wengane yakhe yesibili.

Ngakho-ke, njengoba uKhumalo engeyena ngisho ummangalelwa kuleli cala futhi namaphoyisa ebonakala sengathi aphatha ubufakazi ngendlela engalungile, abantu abaqhutshwa i-schadenfreude (ubumnandi obutholakala ngeshwa lomunye umuntu) bazolinda isikhathi eside.

Izihloko zakamuva