UKelly uchitha awokugonyuluka ngokubulawa kukaMeyiwa kwaNetflix 

Lubhalwe nguBathandwa Ndlangisa

UKelly Khumalo akafunanga ukuqinisekisa amahlebezi okuthi yena nodadewabo uZandie basayine isivumelwano sika-R22 million ne-Netflix, kodwa wanqaba ukuchaza ukuthi isivumelwano simayelana nani.

“Ngisayine inkontileka yebhizinisi nenkundla enkulu yokusakaza futhi le akuyona indaba yanoma ubani ukuthi isivumelwano simayelana nani,” uKelly etshela i-Scrolla.Africa.

Ngokuhamba kwesonto kukhule izinsolo zokuthi uZandie noKelly basayine isivumelwano esikhulu ne-Netflix sokusebenzisana kuchungechunge oluzonekela izwe ngokuthi ngabe kwenzakalani ngempela   ngobusuku okwabulawa ngalo isoka likaKelly, uSenzo Meyiwa.

Lezi zelamani zazi phakathi kwabantu abayisikhombisa ababengaphakathi endlini ngobusuku okwadutshulwa kwabulawa ngalo unozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana ngo-2014.

Kusukela ngalobo busuku benhlekelele kuye kwasabalala amahlebezi okuthi bobabili bazi kabanzi ngokubulawa kukaSenzo kunalokhu abakushoyo.

Ngesikhathi ekhuluma ne-Scrolla.Africa uKelly  uvumile ukuthi wasayina isivumelwano nenkundla yokusakaza edumile. 

Engabe lesi sivumelwano simayelana nokunekela izwe  ngokubulawa kukaSenzo.

Akazange acacise.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi sikholwe noma yini esifuna ukuyikholwa.

“Ungakuthatha lokhu okushiwo uzakweni kwabezindaba uMusa Khawula, obhale amahlebezi ku-twitter noma ulinde isikhathi esifanele lapho kuzokwenziwa isimemezelo esisemthethweni.”

Nokho udadewabo uZandie Khumalo-Gumede ukuchithile ngokusobala ukuthi wasayina inkontileka ne-Netflix nanoma iyiphi enye inkundla mayelana ngokugeqa amagula ngokushona kukaSenzo Meyiwa.

“Ngiyaphinda ngiyasho futhi angikaze futhi angisoze ngasayina inkontileka nanoma yimuphi umsakazi ngento ebucayi kangaka. Empeleni nami ngiyafisa ukwazi iqiniso langempela ngokushona kukaSenzo.”

Imizamo ye-Scrolla Africa yokuthola ukuphawula kwabe-Netflix ayiphumelelanga njengoba uMokgadi Seabi ophethe ezokuxhumana e-Sub-Saharan Africa Netflix ubengaziphenduli izingcingo ngaphambi kokushicilelwa.

Umthombo wesithombe: The South African

Izihloko zakamuva