Lubhalwe nguRorisang Modiba
Umculi uKelly Khumalo udalule ngosuku lwakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka engu-40 ukuthi usephothule uhambo lwakhe lokuba inyanga ngemuva kokuqeqeshwa iminyaka engu-15.
Uchaza ubizo lwakhe lokusindisa abantu njengelujwayelekile futhi alugcini nje emasikweni esintu.
Umculi uKelly Khumalo usememezele ukuthi useyinyanga, ukukhulume lokhu ngesikhathi ehlanganisa iminyaka engu-40.
“Namuhla, njengoba ngigubha usuku lwami lokuzalwa, ngiphothula uhambo lwami lokuba inyanga. Ngakho manje, sengiyinyanga ngokusemthethweni,” etshela Ukhozi FM ngomhlaka-11 kuLwezi.
UKelly uthe useneminyaka engu-15 eqeqeshwa. Njengenyanga usezobiza abantu besifazane ngoGogo namadoda ngoMkhulu ngenxa yenhlonipho.
“Ubizo lwami luyingqayizivele,” kusho yena.
“Alugcini nje ngokwelapha kwendabuko, kuwubizo lomhlaba wonke elenzelwe ukufinyelela kubantu emhlabeni wonke, hhayi nje abantu abamnyama kuphela. Yingakho kuthathe isikhathi eside ukuthi ngikuqonde.”
Ukhulume ngokuqeqeshwa ngamanzi, imvelo, umkhuleko kanye namagugu okwakha ukuzazi.
UKelly usabonakala phambi kwabantu ngenxa yokubulawa okungakaxazululwa kowayeyisoka lakhe, uSenzo Meyiwa ngo-2014.
Yize ayekhona ngesikhathi eshona futhi abantu abaningi besabuza imibuzo, uthi ubengufakazi nje kuphela.
Osesithombeni esingenhla: UKelly Khumalo.
Umthombo: Instagram
