Mmaditaba
Ayikho into efana nekhonsathi yomculo wezokholo eshiya abantu bejabule futhi bezizwa bebusisekile.
Kodwa kulokhu, bekungeyena uSomandla okufanele atuswe ngazo zonke izinkulumo ezilandele ngemuva komcimbi womculo wezokholo e-Bloemfontein ngempelasonto – kodwa kunalokho bekunguKelly Khumalo nemvunulo yebhikini abeyigqokile.
UKelly ukhuphulele abantu amaphaphu ngesikhathi egibela esiteji ecula umculo wokholo ngengubo yakhe emfishane ewolintshi nezicathulo ezinde. Ikhonsathi isakazwe bukhoma ezinkundleni zokuxhumana kwase kuba nenqwaba yabantu abaphikisa ukugqoka kwakhe.
Kodwa ingabe bekufanelekile? Phela bekungekho esontweni, kuphikisana abalandeli bakhe.
Kodwa-ke ivangeli kumele lihlonishwe njengoba liyizwi likaNkulunkulu, kusho abaphikisana naye.
UKelly uhlezi engundabuzekwayo kubalandeli bakhe kodwa uMzansi usukhathele.
UKelly akaphazanyiswanga yilokhu kugxekwa futhi ufake nezithombe zakhe esesiteji wabhala ukuthi-“they don’t make them like HER anymore 🐆”.
Kukhona nomlandeli oncome isibindi sakhe futhi wafanisa ikhono lakhe nolaka lwakhe nezindlovukazi zomculo waseNingizimu Afrika, uBrenda Fassie noLebo Mathosa.