Lubhalwe nguMichael Madyira
Owayengukaputeni weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana usexwayise ngokuthi kuyekwe ukufakela ingcindezi uCassius Mailula osefomini enhle.
Lo mdlali (21) weSundowns ubonakala edlala kahle kakhulu kwi-PSL.
Ngemuva kokuqala isizini yakhe ngoMandulo, uMailula usezakhele udumo lokuthola indondo ye-Golden Boot ka-2022/23.
Unamagoli amahlanu emidlalweni eyisikhombisa yeligi kanye namagoli amathathu emidlalweni emibili ye-CAF Champions League.
Ezweni elifisa ukuvundulula umgadli oshisa izikhotha uMailula akakaqokwa ukudlalela iBafana Bafana, kodwa uyabalwa uma kubalwa abashaya amagoli eqenjini lesizwe njengoBenni McCarthy, uShaun Bartlett noKatlego Mphela.
Phezu kwalokhu, uKekana usheshe wathela amanzi abandayo phezu kwesasasa futhi ubona sengathi kulethwa ingcindezi engenasidingo kulesi sihlabani seSundowns.
“Sengathi nisheshe nakhuluma ngalo mdlali. Singakwazi yini ukumnika isikhathi esanele sokuthuthuka?” kusho uKekana etshela i-Scrolla.Africa.
UKekana uthe ngokwesikhala uMailula akuso, akacabangi ukuthi angakwazi ukusho ukuthi uyaphi. Ukholelwa ukuthi uMailula “useyingane ejabulela ukudlala lo mdlalo.”
“Ngiyasithanda isimo sakhe sengqondo kanye nendlela asebenza ngayo emidlalweni.”
Uthi uMailula usathuthuka.
“Akakadlali ngisho nemidlalo eminingi ku-PSL, ngakho ngeke sivele simfakele ingcindezi bese simbiza ngento enkulu elandelayo ebholeni lakuleli,” kusho uKekana.
Eminyakeni yakamuva abagadli bakuleli bebedonsa kanzima ngamagoli nokwenze ukuthi kwehle izinga leqembu lesizwe.
UMailula usevele wabhekwa njengesixazululo sikaHugo Broos eqenjini leBafana.
“Sikhuluma ngengane ethanda ukudlala ibhola nje. Ngithanda ubuhlakani bakhe. Ngiyakuthanda ukuthi unesibindi futhi usondela ebholeni ngomqondo ophusile,” kusho uKekana.
“Ngiyasithanda isimo sakhe sengqondo futhi unethuba elikhulu lokuba umdlali okwaziyo ukuthwala ibhola lakuleli.”
UMailula ukhuphule izinga lakhe njengoba engekho uPeter Shalulile olimele obengumdlali ovelele ku-PSL kumasizini amane edlule.
Esithombeni esingenhla: UCassius Mailula
Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns