UKarius uzodlalela iNewcastle United kweye-Uefa 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Owayengunozinti we-Liverpool uLoris Karius odume kabi ngamaphutha akhe kowamanqamu we-Uefa Champions League yango-2018 usethubeni lokudlala kowamanqamu wenye indebe.

UKarius angase aqale ukudlalela i-Newcastle United kowamanqamu we-Carabao Cup e-Wembley ngeSonto.

Lo mdlali (29) ujoyine i-Newcastle ngenkontileka yesikhashana ngoMandulo  kodwa akakalidlaleli leli qembu njengoba kukhona uNick Pope noMartin Dubravka ngaphambi kwakhe.

Iphupho elibi lokukhetha kwabo uPope kuqala bebhekene ne-Liverpool kaJurgen Klopp ngoMgqibelo, bekusho ukuthi ngeke akwazi ukudlalela i-Newcastle emdlalweni olindelwe ngabomvu ozobe use-Wembley.

Lo nozinti weNgilandi wakhishwa ngekhadi elibomvu ngokuphatha ibhola ngaphandle kwendawo yephenalthi waphinde wamiswa kowamanqamu.

Ngenxa yokuthi umdlalo wamanqamu wendebe ubhekene ne-Manchester United, okhethwe isibili uDubravka naye ngeke adlale. Isizathu salokho kungenxa yokuthi uvinjelwe ukudlalela indebe.

Useke wadlalela i-Manchester United emizuliswaneni yokuqala yalo mqhudelwano futhi imithetho ithi ngeke adlale ngokumelene nayo emqhudelwaneni ofanayo kule sizini.

Ngakho-ke, eminyakeni emihlanu ngemuva kwamaphutha akhe bebhekene ne-Real Madrid e-Kyiv, uKarius angase abe nethuba lokudlala.

Lo nozinti waseJalimane akakaze abonakale enkundleni kusukela ngoNhlolanja ngo-2021 emdlalweni owaphela ngokulingana ngo 1-1 owawuphakathi kwe-Hoffenheim  ne-Union Berlin kowe-Bundesliga.

Kodwa-ke, emehlweni ababukeli bakanobhutshuzwayo baseNgilandi ukhunjulwa ngamaphutha akhe amabili ngesikhathi behlulwa i-Liverpool ngo 3-1 abaningi abakholelwa ukuthi kwalahlekisela i-Manchester nge-Champions League ngaleyo sizini.

UKarius wayenenkinga ngaleso sikhathi futhi umbiko wezokwelapha waqinisekisa, kanti umqeqeshi we-Liverpool uKlopp ugcizelela ukuthi lo nozinti waseJalimane ungunozinti ovelele.

“Yebo, ngizwile ukuthi [kungenzeka uKarius aqale]. Ngicabanga ukuthi bengathembela kuye ngokuphelele akukho ukungabaza ngalokho. Ungunozinti oseqophelweni eliphezulu,” kusho uKlopp, kulandela ukuwina kweqembu lakhe e-St James’ Park.

“Yingakho i-Newcastle yamsayinisa. Yilokhu abekusebenzela ngaso sonke isikhathi. Kodwa-ke, uNick Pope uneshwa okwamanje.”

I-Newcastle United ne-Manchester United bazodlala ngo-18:30 ngeSonto enkundleni yezemidlalo i-Wembley.

Esithombeni esingenhla: ULoris Karius

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva