Sphiwe Masilela
Ukaputeni wama-Proteas uDean Elgar ukhiphe isexwayiso esinzima kozakwabo ngaphambi kohambo lwabo lwase-West Indies nase-Ireland.
Ngenyanga edlule, amazinga okuhlolwa e-ICC (i-International Cricket Council) abone ama-Proteas ehlela endaweni yesikhombisa, ngenxa yesimo esingesihle emidlalweni yama-Test series.
“Yize engekho amaphuzu e-ICC World Test Championship esizowadlalela emdlalweni wethu ne-West Indies, kusabalulekile ukuthi sikhiqize imiphumela yokuwina. Uhambo oluyingqophamlando oluya e-Ireland lubaluleke kakhulu emaphuzwini asibhekise ekuhlungelweni kwethu kwiNdebe Yomhlaba Yekhilikithi yowezi-2023 nokulungiselela iNdebe Yomhlaba ye-T20 ngasekupheleni konyaka,” kuxwayisa u-Elgar.
U-Elgar, ozoba semkhankasweni wakhe wokuqala njengokaputeni selokhu aqokwa ngokugcwele ekuqaleni kukaNdasa, uthi kuzogxilwa kakhulu ku-spin-bowling ukulungiselela ukubambezeleka kwamawikhethi e-Caribbean.
Lokhu kuvakasha okubili kunokubaluleka okwehlukile eqenjini lekhilikithi labesilisa laseNingizimu Afrika – ekwakheni iNdebe Yomhlaba ezayo ye-Twenty20 (i-T20) eNdiya kanye nethemba labo lokuhlungelwa iNdebe Yomhlaba yowezi-2023 – phakathi kwezinye izinto.
Isikwati sisuke ngoMsombuluko owedlule kulandela ukuziqeqesha okufushane saze safika e-St. Lucia ngoLwesibili ebusuku. Babe sebethatha inqubo yokuhlolelwa i-Covid-19 ngoLwesithathu ekuseni – ngabo bonke abadlali nethimba labaqeqeshi ukuthola inqubekela phambili
UPrenelan Subrayen ubizwe ngama-Proteas kulolu hambo ngenkathi odlala kanye naye uLizaad Williams naye ethola inhlonipho yokubizwa okokuqala ngqa kwi-Test.