UKanye West usephinde wagadla kusomahlaya wakuleli

Menzi Magubane

Umrepha waseMelika uKanye West uphinde wabhebhethekisa ingxabano yakhe phakathi kukaPete Davidson nosomahlaya wakuleli uTrevor Noah.

Njengoba esanda kuphoxeka ngenkulumo ephikisayo ohlelweni lukaTucker Carlson lweFox News ngasekuqaleni kwale nyanga, uYe ubonakala ezimisele ukugcina igama lakhe lisematheni.

Kwesinye isiphithiphithi, kulokhu ngesikhathi ebonakala kwi-Revolt podcast ngoMgqibelo, uYe uphinde wakhuluma ngoNoah ezinyangeni eziyisikhombisa ngemuva kokumhlasela.

“UTrevor Noah, akasiye ngisho owaseMelika. Ubukeka emnyama nje kuphela,” edelela.

NgoNdasa uNoah uye wazidonsela amazinyo abushelelezi ngesikhathi ethi uYe ubehlukumeza owayengunkosikazi wakhe uKim Kardashian kwi-The Daily Show. Lo mrepha uphendule esebenzisa inhlamba ebhekise kuNoah kanti lokho kwamenza wavinjelwa okwesikhashana ku-Instagram.

Ngemuva kwemizuzwana ehlambalaze uNoah, uWest uxabane nobethandana nowayenkosikazi wakhe uPete Davidson, wathi “Bengizama ukususa lowo mlutha we-heroin enganeni yami – obezidweba amagama ezingane zami kuye – uSkete, uPete Davidson.”

(USkete igama lesidlaliso uYe abiza ngalo uDavidson).

“UKim ungumKristu. Kwi-TMZ izolo bathe uPete Davidson noKim benza ucansi kwi-fireplace behlonipha ugogo wabo,” esho.

Njengoba vele esolwa ngokukhuluma amazwi ayiziswana, u-Ye unezele wathi: “NgamaJuda angama-Zionists enza izinto ngaleyo ndlela.”

Khonamanjalo i-Paramount Global imemezele ukuthi uNoah uzovalelisa kwi-The Daily Show mhla ziyisishiyagalombili kuZibandlela.

Ngesonto lokugcina likaNoah, uhlelo luzobonisa ezinye zezikhathi ezinhle kakhulu kusukela eminyakeni eyisikhombisa ephethe lolu hlelo.

UNoah umemezele ukuthi uzoyishiya i-The Daily Show ngomhlaka-29 kuMandulo washaqisa ababukeli kanye nozakwabo ngalezi zindaba.

Esinqumweni sakhe sokushiya uhlelo uNoah uthe: “Kube yinto ejabulisayo ukuthatha lesi sinqumo. Ngijabule kakhulu ukwenza konke okunye okulandelayo.”

Esithombe esingenhla: uYe, owake waziwa ngelikaKanye West

Umthombo: @jo_mendelson

Izihloko zakamuva