UKanye West usephinde wadayisa amateki ngaphansi kwemizuzu engama-60

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokukhishwa kwamateki akamuva kaKanye West, umhlaba kungenzeka ucabange ukushintsha isisho esithi “ukudayisa njengamakhekhe ashisayo” sibe “ukudayisa njengamateki e-Yeezy”.  

Akukaze kube khona amakhekhe adayisa ngokushesha njengalawa mateki.

Amateki amasha e-Adidas Yeezy 450 Cloud Whites wonke adayiswe ngemizuzwana engaphansi kwengama-60.

UWest uphakathi nesihlukaniso somshado wakhe , nesihlabani sikamabonakude uKim Kardashian, weminyaka eyisikhombisa . Kanti laba bobabili banezingane ezine.

Ngesikhathi amateki angama-450 ama-Cloud White sneaker eqala ukudayiswa ngehora le-7 ekuseni eMelika ngeSonto mhla zi-6 kuNdasa, wonke ayesethengiwe ngo-07: 01.

Umrepha kanye nophrojusa womculo uzuze into efanayo nge-Yeezy 750 Boost yakhe eminyakeni emihlanu eyedlule. Ngesikhathi ekhipha amateki mhla zi-11 kuNtulikazi ngowe-2016, nawo adayiswa ngemizuzwana engama-45.

Omunye umlandeli obedabukisa, ophuthelwe ukuthenga amateki ngesikhathi ube nenhlanhla yokubonwa uKardashian, omthembise ukuthi uWest uzomnika amateki.

Amateki ohlobo lwe-750 Boosts abebiza kakhulu, edayiswa ngo- $ 350 (izi-R5,367). 

Amateki ohlobo lwe-450 Cloud Whites amasha ashibhe kakhulu ngo- $ 200 (izi-R3,068). Intengo kubikwa ukuthi inyuke yaze yafika ku- $ 500 (izi-R7,684), ngenxa yabantu ebebethenga kakhulu.

Izihloko zakamuva