UKanye West ugcina umhlaba ebumyameni ngokukhishwa kwe-albhamu yakhe i-Donda

Sizwe Sibiya

Ngenkathi umhlaba wonke usele ebumnyameni ngosuku lokukhishwa kwe-albhamu yeshumi kaKanye West, akukacaci ngisho nokuthi uyazi yini ukuthi i-Donda izophuma nini.

Akungatshazwa ukuthi uKanye uhlale enza abantu bazibuze ngokuthile kungonakele lutho, kodwa kulokhu ube bushelelezi ngakho. Lo mrepha usebambe imicimbi izikhathi ezimbili kulalelwa i-albhamu lapho ahlala khona okwesikhashana, ngenkathi eqhubeka nokuyiqedela.

Umcimbi wokuqala wokulalelwa kwe-albhamu wabanjwa ngomhla zingama-22 kuNtulikazi kwathi owesibili mhla zinhlanu kuNcwaba, kanti usuku lokukhishwa selushintshile ukusuka kumhla ziyisithupha kuya kumhla ziyisikhombisa kuya kumhla ziyi-15 kuNcwaba ngowezi-2021 ku-Apple Music.

Akukhona okokuqala lapho usuku lokukhishwa kwe-albhamu – eqanjwe ngegama likamama wakhe ongasekho – luhlehliswa, kwakumele ikhishwe ngomhla zingama-23 kuNtulikazi kulonyaka.

Khonamanjalo, e-New York City, umrepha odumile uNas usekhiphe i-albhamu yakhe yeshumi nantathu, i-The Disease II.

Kodwa okudonse amehlo abantu abaningi kule-albhamu izingoma zezwi elithambile zikaNksz uLauryn Hill othole isimanga engomeni ethi-‘Nobody’. I-albhamu yesibili emlandweni wezifo ikhishwe ngoLwesihlanu, futhi inabaculi abaningi, okubalwa kubo u-Eminem, u-A Boogie wit da Hoodi kanye noYG, ukubala abambalwa.

Umthombo wesithombe: AP News

Izihloko zakamuva