Sizwe Sibiya
UKanye West umemezele ukuthi uguqula igama lakhe ngokusemthethweni abengu“Ye” – njengoba eqhubeka nokulindisa inqwaba yabalandeli bakhe abalinde i-albhamu yakhe yeshumi, i-Donda.
Ngenkathi ebambezela ukukhishwa kwephrojekthi, isihlabani se-hip hop sidedele omunye umkhiqizo, kufaka phakathi ithoyizi elibhale-“Donda” Lego eligqoke ivesti le-Balenciaga, kanye ne-bulletproof vest ebhalwe-Donda.
Futhi manje lo mculi osenqobe ama-Grammy amahlandla angama-22 ulahla izinhlamvu ezithi-“Kan” egameni lakhe.
Lo mrepha kusolakala ukuthi ubalule “izizathu zakhe” enkantolo yase-Los Angeles lapho efake khona isicelo sokushintsha igama lakhe ngoLwesibili, ngokusho kwe-BBC News.
UKanye phambilini uke waveza ezingxoxweni ukuthi uncamela ukuzibiza ngo”Ye”.
Utshele umsakazi waseMelika uBig Boy enkulumweni yakhe ukuthi igama lakhe “lisuka kuKanye, okusho ukuthi ukuphela kwakhe, libe nguYe nje – ukuba yisibonakaliso sokuhle kwethu, okubi kwethu, ukudideka kwethu, konke”.
Wanezela ngokuthi u”Ye” kusho ukuthi “wena” eBhayibhelini.
Ngale kwabambalwa abakwazile ukuhambela amaqembu alalele i-albhamu, akekho noyedwa ozwe iculo elilodwa.
Imenenja kaYe u-Abou Thiam iveze ngomhla ziyi-19 kuNcwaba ukuthi i-albhamu izodedelwa ngemuva kuthi iqembu layo lesithathu liyilalele, okulindeleke ukuthi kube ngomhla zingama-26 kuNcwaba e-Soldier Field e-Chicago.
Umthombo wesithombe: @photosofkanye