UKane angase ahlomule kuleNdebe yoMhlaba?

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Kungumklomelo omkhulu ngemumva kokuphakamisa indebe uqobo lwayo. Futhi kwabanye ompetha bomhlaba. Cishe kuzoba ithuba labo lokugcina lokushaya amagoli okudlula amanye amaqembu kwiNdebe Yomhlaba.

ULionel Messi, uCristiano Ronaldo, uKarim Benzema kanye noNeymar, kungenzeka kube okokugcina bedlalela iNdebe Yomhlaba eQatar kulonyaka, futhi ngo-2026 uHarry Kane uzobe eneminyaka engu-33.

Uma sibala noKylian Mbappe, bayizintandokazi labadlali futhi bangayiphakamisa iNdebe ngoZibandlela.

Ohamba phambili ngokushaya amagoli kulesizini, u-Erling Halaand wase-Europe, angake abe khona kwiNdebe Yomhlaba, lokhu kulethe ukukhululeka kulaba abane abake bawina emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe.

Ompetha base France kuzoba khona abazokusho ngaloku. Ohlangothini luka Didier Deschamps kuzobe kukhona uKylian Mbappe kanye no Karim Benzema bazobe behola ulayini kanti futhi bayazithemba.

UNeymar wase-Brazil naye uzobheka inselelo. Ngokubambisana no Richarlisona kanye no Gabriel Jesus, lomdlali we PSG akusiyena umuntu ongamkhipha nje kanjalo.

Kwi-Euro 2020 nase Copa American kwakungu Ronaldo noMessi ababengundaba mlonyeni.

Kanti njengoba sebeneminyaka engu-37 kanye nengu-35 namanje basafuna ukuzizwela bona ubumnandi bokuphumelela kwiNdebe Yomhlaba.

Laba bobabili bazobe besekwe abantu abaningi kakhulu futhi ngeke kumangaze ukubona oyedwa wabo ehamba phambili ngokushaya amagoli, sesilinde umhlaka-18 kuZibandlela.

Kwabase Afrika, uMohamed Salah kanye ne-Egypt abaphumelelanga ukungenela lomqhudelwano. Kodwa-ke uVincent Aboubakar we Cameroon uzoqhubeka lapho ayegcine khona kwi-Afcon ngonyaka odlule. 

Ompetha base Senegal bona bazohlala ethembeni lokuthi isihlabani sabo uSadio Mane alulame ngokushesha ukuze ezobabeka ezingeni lomkhumulajezi.

Osesithombeni esingenhla: Ukabuteni we-England uHarry Kane

Umthombo wesithombe: @BBCMOTD

Izihloko zakamuva