Ukabza De Small kulindekele akhiphe icwecwe lakhe elisha

Sizwe Sibiya

Inkakha yomculo wama-piano yasePitoli uDJ Kabza De Small uthi usekulungele ukukhipha i-albhamu yakhe entsha.

Le-albhamu izobizwa nge-King of Amapiano Vol 2, futhi kulindeleke ukuthi aqhubeke nokulandela igama lakhe elithi “The king of Amapiano” abalandeli bakhe abambiza kanjalo.

Le-album yakhe izolandela enye ayikhipha ngonyaka ka-2021 enesihloko esithi “I Am The King Of Amapiano: Sweet & Dust”. Ukukhipha leyo-albhamu kwamsiza ekukhuliseni umsebenzi wakhe womculo weminyaka engu-13, kusukela aqala ngonyaka ka-2009, futhi kwambeka  endaweni yokuqala kumashadi omculo akwa-Apple SA ngonyaka ka-2020 ngengoma eyashisa izikhotha ethi Sthandwa.

Le-albhamu yakhe i-Vol 2 kuzoba iphrojekthi yesine kaKabza eyedwa kusukela kwi-albhamu yakhe yokuqala ka-2016 ethi-Avenue Sounds.

Lezi zindaba zivele kwividiyo yakhe efakwe ku-Instagram njengoba ebonakale edlala enye yezingoma zakhe zama-piano ezithandwa i-Afro-house, waveza nokuthi le albhamu izophuma ngaphansi kwenkampani yakhe yokuqopha ebizwa nge-Piano Hub.

Udume ngokuba inkakha ekukhiqizeni umculo ovele uthandwe kakhulu, futhi usanda kuba sematheni ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kukhulunywa ngempilo yakhe. Lokhu kulandela izithombe zakhe “nonkosikazi wakhe uKamogelo Moropa obefihliwe emehlweni abantu. 

Ngemuva kokusebenza nabaculi abakhulu abafana noSamething Soweto, uBurna Boy noWizkid ku-Vol 1, u-Vol 2 kulindeleke ukuthi le-albhamu ibe nezihlabani ezihlaba umxhwele zaphesheya kwezilwandle nezakuleli.

Okwamanje uKabza usajabulela umfutho wezingoma zakhe ezishisa izikhotha zango-2021 ezithi Abalele kanye nenye ethi Asibe Happy. Lezingoma zombili zifake uMaphorisa, u-Ami Faku kanye nenkampani kankosikazi wakhe asanda kumkhokhela ilobolo ngasekupheleni konyaka odlule, ngokusho kwe-ZAlebs.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva