Celani Sikhakhane
OwayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma nomlandeli wakhe wokuqina uNgizwe Mchunu, babuyela enkantolo.
Abalandeli babo bagqugquzela abanye abantu ukuthi bayobaseka eGoli naKwaZulu-Natal.
UZuma uzobe eseNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ukuzolalela isinqumo sesicelo sakhe sokuthi umshushisi wombuso uBilly Downer ahoxe ecaleni lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa elithinta ukuthengwa kwezikhali.
Isicelo sakhe sokuthi uDowner ahoxiswe sachithwa yinkantolo enkulu ngonyaka odlule. Ube esefaka isicelo sokudlulisa isinqumo.
Ngaphambilini uZuma waveza ukuthi uDowner uchemile ecaleni lakhe waveza nezinsolo zokuthi waputshuza imininingwane yakhe yokwelashwa kwabezindaba.
Usole uDowner ngokuguqula icala lakhe lobugebengu walenza laba “iphrojekthi ebhekene naye ngqo”.
UZuma ufuna uDowner akhishwe ecaleni lenkohlakalo, wathi akanalo “igunya elisemthethweni” lokumshushisa. Umbuso uveze ukuthi izinsolo zakhe eziningi zike zasakazwa kwamanye amacala ezinkantolo zachithwa, okuhlanganisa nezigatshana ezingaphezu kwezingu-100 ezinanyathiselwe esicelweni sangaphambilini somthetho esachithwa.
UZuma ubesebenzisa indlela “ye-Stalingrad” ecaleni lakhe lenkohlakalo, okuyigama okwaqanjwa ngalo idolobha lase-Russia ngesikhathi amasosha akhona agcina enqobe isitha elwa namaJalimane ukuvikela yonke imizi kuyo yonke imigwaqo.
Izinhlaka ezifana ne-Sanco Youth League, i-Friends of Jacob Zuma nezinye eziningi zimatasa zihlela izithuthi zokuhamba ezizosuka ezindaweni ezahlukene ziye eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Khonamanjalo, uMchunu owayengumsakazi kuKhozi FM uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Randburg ngezinsolo zokususa uthuthuva olwaba ngoNtulikazi ngemuva kokuboshwa kukaZuma.
UGazuzu Nduli, ongomunye wabahleli kanye nomholi we-EFF e-Durban University of Technology, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bazowahambela womabili lamacala.
“Amaqabane ethu njengoBonginkosi Khanyile nabanye abaseGoli bazohola lolu hlelo eNkantolo yeMantshi yase-Randburg ukuyoseka uNgizwe Mchunu kanti eKZN simatasa nezinto zokuthutha ukuya eMgungundlovu ukuyokweseka owayengumengameli wezwe uJacob Zuma.
“Sizimisele ngokuthi sizobaseka kuze kube wukuthi ubulungiswa benziwa ngendlela efanele ngoba bayizisulu zohlelo olulwa nathi njengabantu baseNingizimu Afrika,” kusho uNduli ongabukhiphanga ubufakazi ngalezi zinsolo.