UJurgen Klopp usememezele ukuthi uyashiya njengo mqeqeshi we-Liverpool FC ekupheleni kwesizini.
UKlopp othathe izintambo ngoMfumfu ngo-2015, uthe uphelelwa amandla futhi ubona sekuyisikhathi sokuthi abheke kwenye indawo.
Ngesikhathi ekwi-Liverpool, uKlopp uhole iqembu ekunqobeni i-Uefa Champions League, iPremier League, iNdebe yoMhlaba ye-Fifa Club, i-FA Cup, iNdebe ye-League, iNdebe ye-Uefa Super, kanye ne-FA Community Shield.
Esitatimendeni sakhe uKlopp ugqamise ukuxhumana kwakhe okuqinile neqembu, abasebenzi, abadlali, idolobha kanye nabalandeli egcizelela ubunzima besinqumo sakhe.
Uveze ukuthi wazise iqembu ngesinqumo sakhe ngoLwezi.
Abasizi bakaKlopp, uPepijn Lijnders noPeter Krawietz nabo bazolishiya iqembu kanye naye.
Ngaphansi kobuholi bukaKlopp, i-Liverpool yathola isicoco sayo sokuqala seligi ngesizini ka-2019/20 kusukela yagcina ngo-1990 futhi yabanga isicoco se-Champions League ngesizini edlule ngokuhlula i-Tottenham Hotspur kowamanqamu.
Izindaba zokuhamba kukaKlopp zihlangatshezwe ukumangala nokuphatheka kabi. UChris Carline, umzukulu wemenenja edumile ye-Liverpool uBill Shankly uqhathanise ukushiya kukaKlopp nokuthatha umhlalaphansi kukamkhulu wakhe eminyakeni engu-50 edlule.
UJohn Gibbons ovela ku-Anfield Wrap podcast uchaze isinqumo sikaKlopp njengento ethusa kakhulu.”
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Isithombe esingenhla: UJurgen Klopp.
Umthombo wesithombe: X