Everson Luhanga
UJuju ungumpetha ongenambangi wo-DJ. Uzidlala kamnandi izingoma, uyazidansela futhi akekho ongazifanisa naye.
UMalema ubonakale ekhombisa imidanso yakhe ngokuba uDJ eWinnie Mandela Park e-Tembisa embuthanweni kaSiyabonga ngoMgqibelo, edlala izingoma zama-piano phambi kwabalandeli bakhe.
Iqembu libambe lo mcimbi ngenhloso yokubonga abalandeli balo ngokuvotela i-EFF okhethweni lohulumeni basekhaya.
Futhi ngenkathi esakhombisa ukuthi ungu-DJ omkhulu we-deep house, uphinde wathatha indawo yokudansa ukuze abonise iminyakazo yakhe yokudansa.
Ake sibeke – ipolitiki eceleni – ingabe lokhu kumenza abe usopolitiki ongenankinga kunabo bonke endaweni yokudansa?
Mhlawumbekunjalo, noma mhlawumbe akunjalo.
Uma sekuziwa kosopolitiki abakhululekile, kuba nzima kakhulu ukudlula lowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, uma ethatha umbhobho esecula futhi edansela ingoma ethi “Yinde le ndlela esiyihambayo”, okuyiculo lakhe elidansisa wonke umuntu abalicala behambisana namagama engoma.
Kuthiwani ngabesifazane nabesilisa abeziluhlaza okwesibhakabhaka?
UHelen Zille we-DA ubonwe enoLindiwe Mazibuko noMmusi Maimane ngaphambi kokuthi bahlukane – futhi kuyinto enhle ukuthi bakhethe ipolitiki kunokufundiswa ngomdanso.
Phambilini laba abathathu sebehlangene bebengasoze bazifanisa noMsholozi ngokucula nokudansa – kodwa manje kungenzeka ukuthi isembatho senkosi yomdanso sidlulele kuJuju.
I-EFF ivale lolu hlelo ngowesilisa ozibiza ngo-“the national bae”, uMbuyiseni Ndlozi, oyisithandwa sabantu uma kukhulunywa ngokucula esiteji. UNdlozi uqanjwe igama lakhe ezinkundleni zokuxhumana ngoba ekhonzwe abantu abaningi abebembuka ecula futhi edansa. Akanankinga nokubizwa ngo-“bae” noma kusho ukuthi sthandwa. Futhi-ke abesifazane abamthandayo abambiza ngalelo gama.