Umethuli wezinhlelo zakumabonakude odumile ophinde abe ngumrepha uMolemo “Jub Jub” Maarohanye uvele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngamacala okudlwengula, ukuzama ukubulala nokushaya.
UMaarohanye uzinikele esiteshini samaphoyisa e-Brixton ngoLwesine ngemuva kokukhishwa kwencwadi egunyaza ukuthi aboshwe.
Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uMavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi lo mrepha ukhalelwe amasongo kaSigonyela.
Imininingwane yokuthi umethuli we-Uyajola 99 uwenze nini lawa macala ayikatholakali okwamanje.
Imithombo yamaphoyisa esondelene nophenyo iveze ukuthi icala elibhekene noJub Jub lavulwa usaziwayo owaziwayo nesihlabani sikamabonakude, kubika i-Sunday World.
“Udaba luyaphenywa kanti ngemuva kokuthi idokodo liyiswe kwiNational Prosecuting Authority (NPA) ukuze kuthathwe isinqumo, kwathathwa isinqumo sokuthi umsolwa kumele aboshwe,” kusho iphoyisa elinqabile ukudalulwa ngoba lingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.
“Emuva kokulunywa indlebe ngokuthi ufunwa ngamaphoyisa, unqume ukuthi azinikele.
“Ngemuva kokuthi amaphoyisa enelisekile ukuthi kunecala eliqinile elibhekene nomsolwa, i-NPA ithathe isinqumo sokushushisa.”