Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
I-National Prosecuting Authority (NPA) iwahoxisile wonke amacala abethweswe umethuli wezinhlelo zikamabonakude ophinde abe ngumrepha uMolemo Katlego Maarohanye, owaziwa ngelikaJub Jub.
Okhulumela i-NPA, uPhindi Mjonondwane uthe lesi sinqumo siza ngemuva kokucutshungulwa kahle kwedokodo lamacala amaphoyisa, umbiko womshushisi kanye nezincomo, kanye nolwazi olunikezwe i-NPA ngokwezethulo zethimba labammeli bakaJub Jub ehhovisi loMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi (DPP).
“Ihhovisi le-DPP liphethe ngokuthi awekho amathuba okuba kushushiswe ngempumelelo. Ngenxa yalokhu, into ephusile ukuthi yenziwe ukuhoxiswa kwamacala okudlwengula, ukuzama ukubulala nelokushaya kuMaarohanye,” kusho uMjonondwane.
La macala avela kummangali kanye nowayeyintombi kaMaarohanye, abamvulele icala lokudlwengula ngoNhlolanja ka-2022, bathi la macala uwenze phakathi kuka-2006 no-2009.
“Ngemuva kokukhuluma ezinkundleni zokuxhumana, kwaqhamuka abanye besifazane abathathu nezinsolo ezifanayo,” kusho uMjonondwane.
Kukhishwe incwadi egunyaza ukuthi aboshwe, uMaarohanye wazinikela kwiziphathimandla, wavela eNkantolo yeMantshi yaseGoli wabe esededelwa ngebheyili ka-R10 000.
“I-NPA ibheka zonke izinsolo zodlame locansi njengento ebucayi futhi ayinqeni ukuthatha isinqumo esinolaka kuzo, kodwa kuphela lapho kunobufakazi obubambekayo obungawagcina amacala,” kusho uMjonondwane.
“Ngeshwa kuleli cala ekubuyekezweni kobufakazi obukhona abengekho amathuba okushushiswa ngempumelelo.”
Isithombe esingenhla: UJub Jub.
Umthombo: Jub Jub/X
