Dylan Bettencourt
UJuan Jose Florian waphoqeleka ukuthi ajoyine amavukelambuso e-Farc Colombian, kodwa ngesikhathi esephunyukile eqenjini bamgenca izingalo zombili.
Lo mdlali wase-Colombia usebenzise izibazi zakhe ukuze abe ngumpetha wama-Paralympic.
UFlorian wakhulela emahlathini ase-Colombia lapho umndeni wakhe wawutshale ama-papayas, amawolintshi nama-avocados ukuze baziphilise kwidolobha labo lasepulazini elalilawulwa yizigelekeqe. Amaqembu ezigebengu akhipha umthetho wewashi kanti labo ababephula umthetho babejeziswe ngokubulawa. UFlorian ukhumbula ebona izidumbu eziningana emahlathini cishe nsuku zonke.
I-Farc (i-Revolutionary Armed Forces of Colombia) yasebenza esifundeni sase-Colombia kusukela ngonyaka wezi-1996 futhi yahlakazwa eminyakeni emihlanu edlule ngonyaka wezi-2016 ngemuva kokuxoxisana ngokuyeka ukulwa.
Ngesikhathi umfowabo uMiller ejoyina amasosha ase-Colombia i-Farc yathukuthela. Bathi indodana eyodwa yakwaFlorian iyingxenye yalo mzabalazo.
UFlorian waphoqeleka ukuba ajoyine amavukela-mbuso ngonyaka wezi-1998 eneminyaka eyi-16.
UFlorian wakwazi ukuphunyuka wajoyina amasosha ase-Colombia kanye nomfowabo ngonyaka wezi-2000 lapho alwa khona namaqembu ezigebengu zezidakamizwa kanye nabashushumbisi bakaphethiloli iminyaka eyi-12.
Kodwa-ke, inhlekelele yenzeka mhla ziyi-12 ngoNhlangulana ngonyaka wezi-2012 ngesikhathi ibhomu lephasela lilethwa emzini wakhe.
UFlorian ukhumbula ezama ukuvula leli phasela. Wathi evuka wazibona elele phansi. Izingalo zakhe zombili zazingasekho.
Ithanga lakhe langakwesokudla lalikhishiwe futhi elinye ihlo lakhe likhishwe ngaphandle, okwamshiya equlekile izinsuku eziyi-12.
“Ngacabanga ukuziphonsa ngefasitela, kodwa ngacabanga ukuthi ngingagcina ngisesimweni esibi kakhulu. Nganquma ukufunda ukuhamba ukuze ngikwazi ukugxuma phambi kwemoto. Kodwa ekugcineni, ngazibuza ukuthi ngingathini: uma ngingasinda?” etshela i-BBC.
Kwakungesikhathi se-hydrotherapy lapho uFlorian athola khona uthando lokubhukuda futhi waphendukela kulo mdlalo njengomfutho wokululama. Ngemuva konyaka kuphele isigameko sakhe esibuhlungu, uFlorian wathola indondo yakhe yokuqala emqhudelwaneni owawubanjwe inyuvesi yase-Minnesota.
Ngesikhathi eqhudelana esigabeni i-S5 iminyaka emithathu wephule amarekhodi kulo lonke elaseNingizimu yeMelika, i-Canada, i-Venezuela, i-Brazil nase-Colombia.
Umthombo wesithombe: @BBC