UJourno ukhishwe esikhungweni sokuvota ngemuva kokusolwa ngokuhilizisana nesikhulu sakwa-IEC

Dylan Bettencourt

Kuboshwe intatheli ngemuva kokuhilizisana namaphoyisa esikhungweni sokuvota e-Orlando East, e-Soweto.

Amaphoyisa athe uZiniko Mhlaba we-Newzroom Afrika ubehilizisana nomphathi wakwa-IEC.

I-Newzroom Afrika ikuphikile ukuthi intatheli yabo ihilizisane nesikhulu sakwa-IEC esikhungweni sokuvota, yathi intatheli yabo inelungelo lokubika ngokhetho.

“UMhlaba ugunyazwe i-IEC ukuthi abhale ngokhetho futhi ubenalo lonke ilungelo lokwenza lokho. Yena noma umthwebuli abephulanga noma yiziphi izinhlinzeko zoMthetho Wokhetho, futhi abazange baphazamise umsebenzi wezikhulu zakwa-IEC ezisemsebenzini,” kusho isitatimende.

Ingxabano phakathi kwentatheli namaphoyisa isakazwe bukhoma kumabonakude ngoMsombuluko ekuseni lapho uMhlaba ebuza ephindelela ukuthi kungani esuswa esikhungweni sokuvota. Abaningi ezinkundleni zokuxhumana bazwakalise ukucasuka kwabo mayelana namaphoyisa ngokuvimbela uMhlaba ukuthi asebenzise ilungelo lakhe lenkululeko yezindaba.

Uye wadedelwa kamuva.

“Udaba seludluliselwe kuKhomishana wesiFundazwe e-Gauteng okhiphe umyalelo wokuthi kukhululwe intatheli kanye nokuthi kwenziwe uphenyo ngalolu daba,” kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vishnu Naidoo.

Umkhulumeli wengeze ngokuthi kuyadabukisa ukuthi ingxabano phakathi kwentatheli namaphoyisa igcine ngokuthi uMhlaba asuswe esikhungweni sokuvota.

Ividiyo eyabiwe i-Newzroom Afrika ngabo-10.30am isibukwe ngabantu abayizi-120,000 nezinkulungwane zabasebenzisi be-Twitter babelana ngayo futhi bephawula ngevidiyo.

UKaty Katopodis, ongumqondisi wezindaba kwa-Newzroom Afrika uthe intatheli yabo ifakwe ngemuva emotweni yamaphoyisa yaboshwa ngozankosi.

“Siyawubona umaki ezandleni zakhe. Ube esefakwa esitokisini samaphoyisa,” etshela isiteshi somsakazo i-CapeTalk.

UKatopodis uthe imithombo yabezindaba ithukuthele igane unwabu ngalesi sigameko futhi ulaka lwabo balubhekise emaphoyiseni kanye nakwa-IEC kulokho abakuchaze “njengokuhlasela inkululeko yabezindaba nokusebenzisa budedengu amandla ngamaphoyisa”.

Bangaphezu kwezigidi eziyi-3.5 abantu baseNingizimu Afrika abavote ezweni lonke okhethweni lohulumeni basekhaya ngehora lesithathu ntambama ngoMsombuluko.

Izihloko zakamuva