Lubhalwe nguZukile Majova
UMengameli waseMelika uJoe Biden usehoxile emncintiswaneni wesobumengameli waseMelika.
Lesi sinqumo siza ngemuva kwesonto kube nemizamo engaphumelelanga yokubulawa kukaDonald Trump ongenele ukhetho ngaphansi kweqembu lamaRepublican.
UBiden weseka iphini lakhe uKamala Harris ukuthi ahole lo mkhankaso kodwa ozongenela isikhundla uzokhethwa e-Democratic National Convention ngoNcwaba.
UBiden ochithe isonto eledlule egonqile ngemuva kokutholakala ene-Covid-19, umemezele isinqumo sakhe ngencwadi ayifake ku-inthanethi.
“MaDemocrat, nginqume ukungakwamukeli ukuqokwa futhi kodwa ngigxilise wonke amandla ami emisebenzini yami njengoMengameli kulesi sikhathi sami esisele.
“Isinqumo sami sokuqala njengowayephakanyiswe iqembu ngo-2020 kwaba ukukhetha uKamala Harris njengePhini lami likaMengameli. Futhi kube yisinqumo esiphuse kakhulu engasithatha.
“Namuhla ngifuna ukweseka ngokugcwele futhi ngivumele uKamala ukuthi aqokwe njengozongenela ukhetho eqenjini lethu kulo nyaka.”
Abantu baseMelika baya okhethweni ngoLwezi.
UBiden ucele amaDemocrats “ukuba ahlangane futhi ahlule uTrump”.