Ujele ulaxaze eZimnyama

Menzi Magubane

Owayengukaputeni we-Orlando Pirates uHappy Jele, uvumile ukuthi usichithile isiphakamiso sikasihlalo weqembu u-Irvin Khoza sokuhlala kuleli qembu.

Lo mdlali (35) ushiye iPirates ngoMsombuluko ngemuva kweminyaka engu-16 eyidlalela kanti ubesedlale nemidlalo engaphezu kuka-400.

Uthe isizathu sokushiya iPirates ukuthi uKhoza umnikeze indawo yokungadlali eqenjini.

“Bengithobekile kodwa futhi ngishaqekile ngoba bengingakakulungeli ukuyeka ukudlala,” kusho uJele esitatimendeni sakhe.

“Yebo, nginikezwe ithuba lokungabi umdlali ngase ngizwakalisa isifiso sami sokudlala enye isizini noma amabili ngaphambi kokuthi ngiyeke ukudlala ibhola.”

Utshele abalandeli bePirates ukuthi ngeke alahlekelwe umndeni wakhe wezimnyama nobumhlophe.

Lo mdlali wasemuva uthe uzothatha ikhefu yonyaka noma emibili ukuze aqhubeke nomsebenzi wakhe wokudlala ngaphambi kokuthi ayeke ukudlala noma abuyele kuleli qembu.

 “Ithuba engilinikwe uDkt Khoza ngizolibhekisisa kakhulu ngesikhathi ngingekho kwiPirates, okuyilona kuphela iqembu engake ngadlala kulona emsebenzini wami okhokhelwayo. Akekho ongabikezela ikusasa kodwa ngiyethemba ukuthi ngizobuyela eqenjini ngelinye ilanga sengzobamba isikhundla esihlukile.”

UJele usemataniswa nelinye iqembu.

Kuthiwa iRoyal AM iyona efuna ukufaka uJele eqenjini layo ngesizini ezayo ye-DStv Premiership.

Amava kaJele azosiza iRoyal AM kakhulu uma ikwazile ukumsayinisa njengoba izobe iqala ukubonakala emqhudelwaneni we-CAF Confederation Cup ngesizini ezayo.

Usedlale imidlalo eminingi kulo mqhudelwano kanti iPirates idlale kabili kowamanqamu lapho eyahlulwa khona ngo-2015 nakulo nyaka.

Umthombo wesithombe: @iDiskiTimes

Izihloko zakamuva