
Dylan Bettencourt
Ngesikhathi u-Elton Jantjies eboshwa ngezikhathi zasekuseni ngeSonto ubesolwa ngokulimaza ilambu endizeni.
Kodwa-ke, kubikwa ukuthi lesi sigameko sibi kakhulu.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uColonel Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukuthi “owesilisa (31) uboshwe ngecala lokucekela phansi impahla”.
Omele uJantjies, uJames Adams, ukhiphe isitatimende ngosuku olufanayo lapho echaze khona ukuthi umdlali webhola lombhoxo ubehamba yedwa eya ekhaya ngemuva kokuhlala isonto lonke e-Turkey nomndeni wakhe.
“Kusolakala ukuthi ngesikhathi esendizeni, kulimale ilambu. Sikholwa wukuthi lesi sigameko sishube kungenasidingo,” kuchaza isitatimende.
Kodwa-ke, ofakazi ababili abebephakathi endizeni baveze ukuthi odlalela i-Lions oyi-flyhalf uchithe imizuzu eyishumi eshaya isicabha sendlu yangasese waze waphuma igazi emaqupheni akhe, ememeza owesifazane osebenza endizeni, obecashe ngaphakathi, kubika i-News24.
Umgibeli uthe uJantjies ubezwakala ethi “Woza, sithandwa sami.”
Abazibonele bangeze ngokuthi uJantjies ubebukeka engazinzile ezinyaweni ngesikhathi ebuyela esihlalweni sakhe.
“Ubuyele endaweni okuhlala kuyo izicukuthwane, igazi lamaqupha akhe beligcwele umnyango wendlu yangasese, kanti ubehamba phakathi nezihlalo endizeni egcoba igazi ezihlalweni zabantu ngenxa yokuthi ubehamba ediyazela.
“Owesifazane wase-Emirates ube esephuma endlini yangasese, kanti ubebonakala ukuthi uthukile,” kusho umgibeli.
UJantjies ugcinwe esiteshini samaphoyisa e-OR Tambo kodwa ubuye wadedelwa ngebheyili ka-R1 000.
Lo mdlali kulindeleke ukuthi aye eNkantolo yeMantshi yase-Kempton Park ngoMsombuluko.
UJantjies unemidlalo engu-42 kumaBhokobhoko futhi uchazwe njengomuntu omdala eqenjini.
I-South African Rugby Union (i-SARU) ikuqinisekisile ukuthi bayasazi lesi sigameko.
“Sibikelwe ngokuboshwa kuka-Elton, kodwa sisaphezu kwezinhlelo zokuqoqa imininingwane eminingi futhi akukho esingakusho okwamanje,” kusho okhulumela i-SARU.
Umthombo wesithombe: @NewsJournal