UJaden Smith nezethusayo ngomndeni wakhe

Lubhalwe i-Premium Times

Umlingisi waphesheya ophinde abe ngumculi, uJaden Smith udalule ukuthi umama wakhe uJada Smith nguyena owabafaka njengo mndeni esilingweni sezidakamizwa ezithinta isimo sengqondo (psychedelic drugs).

Udalule lokhu engqungqutheleni ye-Psychedelic Science e-Denver, e-Colorado ngeledlule, lapho ethe umama wakhe “waba ngowokuqala ukuthatha lesi sinyathelo emndenini wabo.”

Izidakamizwa ze-Psychedelic ziyizidakamizwa ezishintsha ingqondo ezikhiqiza izinguquko ekuboneni nasekusebenzeni kwengqondo. Zithinta zonke izinzwa, ziguqule ukucabanga komuntu, imizwa yesikhathi kanye nemizwa uqobo.

Ngokusho kwe-Alcohol and Drugs Foundation, izidakamizwa ze-psychedelic zingabangela umuntu ukuba abone noma ezwe izinto ezingekho.

“Umama usebenzise izidakamizwa isikhathi eside nje impela kwaze kwaba izinto ziyashintsha nathi njengomndeni sazithola sesilandela ezinyathelweni zakhe,” kusho uJaden.

Uphinde wathi odokotela bengqondo babambe iqhaza elikhulu ekuqiniseni ubudlelwano nodadewabo uWillow kanye nomfowabo, uTrey.

“Izelamani ziyaxabana futhi zilwe kanti mina nezingane zakwethu sesike sakwenza lokho esikhathini esidlule,” usho kanje. “Kodwa izinga lothando nobubele engiluzwayo ngaphakathi kimi ngabo, uma ngisemqondweni noma ngaphansi kwethonya lezidakmizwa [psychedelic] luyinto ejulile futhi enhle.”

Inkulumo kaJayden ivela ngemuva kwezinyanga ezimbalwa umama wakhe, ohlelweni lwakhe lwe-Red Table Talk ebe nengxoxo ngokubandakanyeka kwakhe nezidakamizwa (psychedelics). Ukhulume ngokulwa kwakhe nemizwa yokudangala, edalula ukuthi izidakamizwa zibe nomthelela ongakanani ohambweni lwakhe lokuzelapha.

“Ukhwantalala lungiphathe isikhathi eside ngakho okubalulekile ngomuthi wezitshalo ukuthi uyakusiza uzizwe ungcono uphinde uxazulule izinkinga zokuthi ufike kanjani lapho kwasekuqaleni,” kusho yena.

“Kufanele ufune ukukwenza ngempela ngoba lokhu akukhona okokudlala,” kusho yena. “Kufanele uzimisele ukubhekana nezinto ezinzima. Kuyaphilisa futhi kuyishintshile impilo yami.”

Isithombe esingenhla: Jaden Smith

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva