UJacob Zuma uzalelwe inja endlini njengoba kuthiwa ushwele wakhe wezempilo awukho emthethweni

Dylan Bettencourt

INkantolo eNkulu yaseGauteng, ePitoli, ikhiphe isinqumo sokuthi ushwele kaJacob Zuma wokugula wawungekho emthethweni ngakho-ke isiyayalele owayenguMengameli waseNingizimu Afrika ukuthi abuyele ejele.

Inkantolo inqume ukuthi isinqumo esenziwa ngowayenguKhomishana wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuzwelonke, u-Arthur Fraser, sokukhipha uZuma ngoshwele wezempilo asiyihambanga imigudu efanele ngakho-ke sichithiwe.

“Sizwa ngandlebenye ukuthi isikhathi uZuma aphuma ngaso ejele ngoshwele wokugula akumele sibalwe ukuze kugcwaliseke isigwebo sikaZuma sezinyanga ezingu-15 asinikezwa iNkantolo yoMthethosisekelo,” inkantolo ikhiphe lesi isinqumo ngoLwesithathu ekuseni.

UZuma kanye noKhomishana kazwelonke bayalelwe yinkantolo ukuthi bakhokhe izindleko zenselelo yoshwele wezempilo uma bedlulisa lesi isinqumo.

Lolu daba lusaqhubeka.

Izihloko zakamuva