Lungani Zungu
UJacob Zuma ungene eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ejabule, emamatheka futhi ebingelela abalandeli bakhe, kodwa uhambe enkantolo isimo sakhe sesishintshe kakhulu.
IJaji uPiet Koen usichithile isicelo sikaZuma sokuhoxiswa komshushisi wombuso u-advocate Billy Downer nokuyinto ebuhlungu kakhulu kuJacob Zuma.
Lesi sinqumo sivula indlela yokuthi icala lokuThengiswa kweZikhali liye enkantolo ngemuva kokubambezeleka okucishe kube iminyaka engama-20. Nokho, inhlangano kaZuma iveze ukuthi uzosidlulisela phambili isicelo sakhe.
Esifingqweni sesinqumo esithathe imizuzu eyi-18 ngoLwesibili, uKoen ukhiphe lo myalo olandelayo:
● Isicelo esikhethekile sichithiwe
● Udaba luholele ekutheni kuqhutshekwe nokuqulwa kwecala likaZuma aliphikile kanye nenkampani esolwa kanye naye i-Thales.
UZuma usole uDowner ngokuchema mayelana naye nangezinsolo zokuputshuza amarekhodi abucayi kadokotela kwintatheli, nokuholele ekutheni amvulele icala ngesonto eledlule. Ngenxa yalokhu, ithimba labammeli bakaZuma eliholwa ngu-Adv Dali Mpofu lithe uDowner akanalo igunya lokushushisa.
Kodwa uKoen unombono ohlukile.
“Noma iyiphi inselelo ebandakanya ukuntula kanye nokuzimela kanye nokuchema noma isikhalo esifanayo njengoba kusola uMnu uZuma, bekufanele kuphakanyiswe esicelweni esihlukene nesokuhoxiswa komshushisi,” kusho uKoen.
“Ngiphetha ngokuthi okushiwo nguMnu uZuma noma ngabe kukhulunywa ngakho akushintshi ‘ Igunya lokushushisa’ likaMnu Downer”.
UZuma ubhekene namacala ayi-16 awaphika wonke kubalwa kuwo elenkohlakalo, ukushushumbisa imali nokukhwabanisa ecaleni lokuThengiswa kweZikhali.
Kusolwa ukuthi wafumbathiswa i-Thales, inkampani yase-France ekhiqiza izikhali phambilini eyayibizwa nge-Thomson-CSF, ukuze avikeleke ekushushisweni.
Phambilini usole uDowner ngokusebenzela izinhlaka zamazwe, okubalwa kuzo i-Central Intelligence Agency (i-CIA) ezinze eMelika kanye nemithombo yezindaba yakuleli.
Ubesenkantolo, yize NgoMsombuluko inhlangano yakhe ithe akezukuziyela mathupha ukuyolalela ukuthulwa kwesinqumo.
UVuyo Mhanga, okhulumela i-National Prosecuting Authority (i-NPA) usamukele isinqumo.
“Sizizwa sikhululekile ngoba sikulungele ukuqhubeka necala. Siyathemba ukuthi ngeke kusaba khona ukubambezeleka”.
UMhaga uthe icala elibhekene noDowner, elivulwe nguZuma ngesonto eledlule, ngeke libe nomthelela kuDowner ohola icala lombuso elibhekene noZuma.
UMnu Mzwanele Manyi, okhulumela iJacob G Zuma Foundation, uthe bacabanga ukuthi uZuma kumele adlulise icala.
“Lokhu kuwukubukela phansi ubulungiswa,” kusho uManyi.
Icala lihlehliselwe umhla ziyi-11 kuMbasa ngonyaka ozayo ukuze kuqale ukuqulwa kwaleli cala.
UZuma ukhishwe ngoshwele wezempilo kulandela ukukhululwa kwakhe ejele kwisigwebo sezinyanga eziyi-15 ngenyanga edlule, ngemuva kokuboshwa kwakhe ngoNtulikazi ngenxa yokweqa imiyalo emibili yenkantolo eyayimtshela ukuthi avele phambi kweKhomishana yoPhenyo lokuLawula uMbuso.