UJacob Zuma usevele wanqoba enkantolo kwicala le-Arms Deal

Lungani Zungu

UJacob Zuma usevele wanqoba njengoba ebevele enkantolo ngoLwesithathu ngemuva kokuthi inkantolo ephakeme yaseMgungundlovu imuvumela ukuthi azonxenxa ngecala lakhe ngoLwesibili oluzayo.  

Ijaji elaziwa ngoPeter Koen seliveze ukuthi icala laZuma lizoba senkantolo evulelekile ngoLwesibili.

OwayenguMengameli uthi ubengayithandi indaba yokuthi icala lakhe lithethwe-Viritually ethi lokho bekungenakho ubulungiswa.

UJacob Zuma uyawaphika amacala athweswe wona ingalo yomthetho okubalwa kulo icala lokukhwabanisa, icala lenkohlakalo elisuka ku-Arms Deal.   

Ijaji uKoen uthe yonke imigomo  yokhuvethe izolandelwa.

Umfowabo kaJacob Zuma uKhaya uthe ujabule kakhulu ngesinqumo senkantolo.

Ngijabulile futhi nesizwe sijabulile, sengijahe kakhulu ukubona ubhuti wami ngesonto elizayo kushu uKhaya.

UNkosentsha Shezi oweseka uJacob Zuma utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzobe ekhona enkantolo ukuzoseka owayenguMengameli, kodwa akazange afune ukuphawula ngendaba yokuthi kulandwe abanye abazomeseka uJacob Zuma.

Isikhulumi se-Zuma Foundation uMzwanele Manya uthe umthethosisekelo usuwinile. Kuyaxaka ukuthi bekumele size sikulwele lokhu.

UManyi uthe uJacob Zuma uzokwazi ukuxhumana kahle nabammeli bakhe kwinkantolo evulelekile angeke kufane ngenkathi icala lisabanjwe-Virtually.

Ukuqinisekisile  uJacob Zuma ukuthi uzobe esenkantolo.

Abamesekayo bebeyishaya indiva ekuqaleni imithetho ebekiwe ukuthi sivikeleke kukhuvethe.

UManyi uthe akazi noma abamesekayo uJacob Zuma bazobe bekhona yini enkantolo.

Ummeli wakhe  uDali Mpofu asikwazanga ukumthola ukuba aphawule ngalolu daba.

UZuma wanikezwa izinyanga eziyi-15 ebhadla ejele ngokuthi wanqaba ukuvela phambi kwekhomishini yokulawulwa kombuso. 

Izihloko zakamuva