Lungani Zungu
Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuqala kwecala lakhe lenkohlakalo, uJacob Zuma ungeniswe esibhedlela e-Estcourt.
Lowo owayenguMengameli udonsa isigwebo sezinyanga eziyi-15 ejele ngokudelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo wokuthi avele phambi kwekhomishini yezokulawulwa kombuso.
UMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo uthe: “NjengoMengameli wangaphambilini, izidingo zokunakekelwa kwezempilo zikaMnu uZuma zidinga ukubandakanyeka kwe-South African Military Health Services. Lokhu bekulokhu kwenzeka selokhu angeniswa e-Estcourt Correctional Centre”.
Esitatimendeni sabezindaba uMnyango uthe: “Ukubhekwa okujwayelekile kwenza ukuthi uMnu uZuma ayiswe esibhedlela”.
UZuma uzobuyela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesibili oluzayo ngamacala abhekene nokuthengwa kwezikhali lapho ayewaphike wonke amacala.
Ube esefaka isicelo sokuthi kulalelwe icala enkantolo evulekile kanti iJaji uPete Koen ukhiphe isinqumo esimvunayo.
Eminyakeni edlule, uZuma uthole ukwelashwa emazweni afana ne-Russia nase-Cuba ngemuva kokugula.
Inhlangano yakhe, i-JG Zuma Foundation, ikuqinisekisile ukuthi uZuma ungeniswe esibhedlela.
“Uhambela ukuhlolwa kwakhe kwaminyaka yonke. Akunasidingo sokwethuka okwamanje,” kusho inhlangano yakhe.
Umfowabo, uKhanya, uthe bebengakaziswa okwamanje ukuthi uZuma usesibhedlela.