Kamogelo Muvhenzhe
OwayenguMengameli wezwe uJacob Zuma uhlinziwe ngoMgqibelo kanti uzohlala esibhedlela njengoba esazobuye ehlinzwe ezinsukwini ezizayo.
Lokhu kushiwo umnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo kwisitatimende ngeSonto ekuseni becela abantu ukuba bangaqageli ngokugula kukaZuma.
UZuma wangeniswa esibhedlela wasejele esingaphandle ngesonto eledlule.
Udonsa isigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15 ejele lase-Estcout Correctional Centre ngokuphikisa umyalo wenkantolo owawumphoqa ukuba avele phambi kwekhomishini yokulawulwa kombuso.
Okhulumela i-DCS uthi alwaziwa usuku azophuma ngalo owayenguMengameli.
Okhulumela umnyango uSingabakho Nxumalo uthe i-DCS ayikwazanga ukusho usuku lokuphuma kukaZuma njengoba okusemqoka ukuthi uZuma athole ukunakekelwa okungcono kakhulu.
UNxumalo uthe iziboshwa ezibekwe esikhungweni ze-correctional centres ngokuzithandela umbuso unesibopho nomsebenzi wokubanakekela ngendlela engaphuli noma engahlukumezi amalungelo abo.
Lokhu kubalwa ukuthola usizo lwezempilo kusho uNxumalo.
UNxumalo unxenxe abantu ukuthi abangaqageli ngesimo sokugula kukaZuma.
Asivumeleni odokotela siphinde sibanike isikhathi ukuze baqhubeke nokunika uZuma usizo lwempilo alidingayo kusho uNxumalo.